IMOTO: FORD RANGER RAPTOR SE
KUYAYE kuthiwe umfundisi ulindwa ngengoma kodwa kwaFord iRanger entsha ilindwa ngezinhlobo zekhethelo.
Sekubalwa izinyanga ngaphambi kokuthi iqale ukutholakala iRanger entsha kuleli kanjalo neRanger Raptor.
Uzokhumbula ukuthi le nkampani yenze iRanger Thunder yekhethelo ngaphambi kokwethula iRanger Stormtrack nayo belu yekhethelo.
Ngaleso sikhathi iRanger Raptor ibingakathintwa nokuyinto eshintshile kudayiswa iRanger Raptor Special Edition.
Njengalezi zakwabo, ingeyekhethelo futhi yakhiwa ngesibalo esikaliwe.
Kuseyiyo iRaptor oyaziyo kodwa yengezwa izinto ezimbalwa eziyenza yehluke. Lapha ngibala umhlobiso wolayini ababomvu emzimbeni ongayimoshi kodwa oyenza ihehe.
Inesports hoop ngemuva kanjalo neroller shutter esikhenkeni. Ubukhona bayo benza ukuthi impahla ivikeleke ngoba uyakwazi ukukhiya kodwa isikhala siyancipha. Impahla uma uyifake esikhenkeni iyashelela iyohlala ekugcineni nokuphoqa ukuthi ugibele khona nokuyinto engelula kwazise iphakeme. Uma ugibela ngedolo, irabha efakwe khona ukuvikela ukuthi ingaklwebheki, iyalimaza.
Ngaphambili uzofica amawuka okuyidonsa abomvu bese kuthi kwigrille, emakhwapheni ibe mnyama.
Ngaphakathi ineziteshi esiteringini, ezihlalweni nasesicabheni.
Izihlalo ziyakubamba futhi zintofontofo. Empeleni ngaphakathi ungathi yimoto encane ngoba inetouchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay, inkombandlela, udlala umsakazo nokunye. Inezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB ngaphambili. Isiteringi sinamabhathini okulawula umsakazo necruise control. Uzoqaphela futhi ukuthi isiteringi sinomugqa obomvu okukhombisa ukuthi amasondo angakuphi futhi ngemuva kwaso kunamapedal shifters amakhulu.
IRanger Raptor ifika namalambu amaLED, amasondo amaGrabber AT3 anamarimu angu-17 inch, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, izihlalo ezifudumalayo ngaphambili, iyasho uma uzoshayisa nokunye okuningi.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-2.0 litre Bi-Turbo kadizili. Ikhafula amandla angu-157kW netorque engu-500Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-10 speed ozishintshayo. Ngiyizwe ugearbox nenjini kusebenzisana kahle. Uyayizwa uma isuka ukuthi iyimoto esindayo kodwa uma isingena ejubaneni ihamba kahle.
Ngo-100km ibidla amalitha kadizili angu-11.2.
Amandla ayo enza ikwazi ukudonsa isisindo esingu-2 500kg.
Intofontofo emgwaqeni nasobhuqwini imbala. Lokhu kungenxa yendlela isuspension yayo abayakhe ngayo bayifaka namashocks akwaFox.
Obhuqwini angicabangi ukuthi likhona iveni elingamelana nayo ngoba inedrive mode ebizwa ngeBaja ongayifanisa noSport kodwa wasobhuqwini. Lapha ishintsha nendlela eduma ngayo ibe nebhesi nendlela itraction control esebenza ngayo nokushintsha amagiya kuyashintsha.
Ijubane obhuqwini akuyona into egabe ngayo ngoba yi-4x4 yoqobo okwazi nokuyishintsha ukuthi idonse ngawo womane yini amasondo futhi inediff lock nehill descent control.
Ukushiya kwayo igabade ngo-283mm kwenza ungabi navalo lokuthi izoshaya phansi.
Intengo:
The Ranger Raptor Special Edition - R999,150
Ifika neFord Protect ehlanganisa iwarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km neroadside assistance yeminyaka emithathu.