IYA ngokuqina imibiko yokuthi iFormula One (F1) ikhuza ibuya eNingizimu Afrika ngonyaka ozayo ngemuva kokubonakala kwesikhulu sayo kuleli.
Kuthiwa isikhulu seF1 uStefano Domenicali sinikele kuleli sisuka eBaku, e-Azerbajain ngempelasonto lapho bekunomjaho khona. Umjaho wangempelasonto unqotshwe nguMax Verstappen weRed Bull Racing.
ISky Sports ibike ukuthi uStefano uze kuleli ukuzoba nezingxoxo ukuze kubuyiswe umjaho eKyalami Grand Prix Circuit kusuka ngonyaka ozayo.
Umjaho weF1 wagcina ukusingathwa kuleli ngo-1993.
CONFIRMED: Toby Venter and F1 CEO Stefano Domenicali spotted at the @Kyalami_Circuit yesterday, along with other FIA representatives. This comes amidst rumours of the Kyalami Grand Prix Circuit making a return to the @F1 calendar as early as next year! https://t.co/mLmQSoSddh pic.twitter.com/huspXzepHT
— Motor Magnet (@Motor_Magnet) June 14, 2022
IMotor Magnet iveze ukuthi isivumelwano sisayiniwe kodwa kumele inkundla ithuthukiswe kancane. Ithe uma lokhu kwenziwa ngaphambi komjaho iKyalami 9 Hour lokhu kuzosho ukuthi iF1 izobuya ngonyaka ozayo kodwa uma kungenzeki kuzoba wu-2024.
Ithe uStefano nomnikazi weKyalami, uToby Venter babonakele kule ndawo yomjaho kuleli sonto.
Umshayeli wase-United kingdom, uLewis Hamilton, noseke wanqoba iF1 amahlandla ayisikhombisa, ugomunye wabafuna umjaho ubuye kuleli.
Nompetha ophethe isicoco njengamanje uVerstappen usanda kusho ukuthi akanankinga nokuthi umjaho ubuye.
Umzuliswano olandelayo weF1 uzoba seCircuit Gilles Villeneuve, eCanada, ngeSonto.