IMOTO: MERCEDES-BENZ C-CLASS
YIZE kuyinsimbi yaseJalimane kodwa iMercedes-Benz C-Class yimoto ebalulekile eNingizimu Afrika kwazise yakhiwa khona.
Le ntandokazi yemoto yakhiwa efemini yakwaMercedes-Benz ese-East London bese ithunyelwa nakwamanye amazwe.
Kuyaziwa ukuthi amaSport Utility Vehicle (SUV) ayintandokazi kubathengi kodwa iC-Class isathengwa kakhulu, hhayi kuphela kuleli kepha nakwamanye amazwe. Lokhu kungenxa yokuba nomlando njengoba yaqala ukwakhiwa ngeminyaka yama-80s ngaphambi kokuthi ibizwe ngeC-Class kusuka ngo-1993.
Ayisele yodwa emakethe kumasedan njengoba imbangi yayo, iBMW 3 Series, nayo isamile kanjalo neLexus IS.
Ngaphandle yinhle, inegrille egqame ngophawu lwakwaMercedes olukhulu. Inamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva namarimu amakhulu angu-19 inch. Ayenza ikhase phansi, kumele uqaphele ukuze ingaphambili lingalimali.
Ngaphakathi yilapho zenzeka khona. Uma uvula kuntambama, ikhanyisa phansi esicabheni ibhale uphawu lwakwaMercedes.
Amehlo kodwa avele athathwe yitouchscreen infotainment system enkulu ngaphambili phakathi nendawo. Le screen, ongathi yitablet, yilapho ulawula khona izinto eziningi zemoto. Uma uthanda awuthinti sona ngqo kodwa amabhathini asesiteringini.
Ulawula amazinga okushisa, umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay (ngaphandle kwentambo), ubona ingemuva uma uhlehla nokunye.
Le screen senza ingaphambili libe lihle kodwa akukho mabhathini. Simesha kahle futhi nedigital instrument cluster lapho ubona khona imininingwane ngemoto.
Okungichaza kakhulu kodwa ngeC-Class yisikhala ngaphakathi.
Isinkulu kunendala njengoba newheelbase beyilule ngo-25mm yaba ngu-2 865mm.
Lokhu kwenza wonke umuntu ahlale kahle ngokukhululeka kodwa kwabangemuva kushoda kuphela izimbobo zokushaja nge-USB. Nebhuthi yisigaxa kwazise akukho sipele esinganciphisa indawo.
Inenjini kaphethroli engu-1.5 litre enamandla angu-150kW netorque engu-300Nm. Iphinde ikunikeze amandla athe xaxa ngo-15kW/200Nm imizuzwana.
Ungezwa ngathi injini incane uma kuthiwa ingu-1.5 litre kanti amandla iwathumela ngokushesha ngogearbox oyi-9 speed ozishintshayo.
Ithule ngaphakathi futhi intofontofo. Kuphethroli ibidla amalitha angu-8.6 futhi ayikwenzi ungene njalo egaraji ngoba uma igcwele ikutshela ukuthi ungahamba ibanga elingaphezu kuka-800km.
Siyangichaza nesiteringi sayo, ikakhulu uma upaka, ngoba ijika eduze futhi nasesandleni sigcwala kamnandi kwazise siqumbile.
Intengo:
C200 – R849 000