INKAMPANI edayisa izimoto esidlangalaleni iWoodford Bid, isungule inkundla lapho abantu bengazidayisela khona izimoto zabo kwi-website yayo.
IWoodford Bid ivule inkundla yokuthi abantu bafake izimoto abafuna ukuzidayisa bese, abathengi bencintiselana ukuthi bafuna ukuyithatha ngamalini. Ithe lokhu ikwenza ngoba ukudayisa imoto kungaba wumdanti futhi kunabathengi abazama ukukuncenga ukuthi wehlise imali.
"Okumele ukwenze ukufaka imoto yakho kwi-website bese ubuka abantu abagunyaziwe bebanga imoto yakho masonto wonke, nokuthi ukhona okwazi ukukhokha imali oyikalile bese ukudayisa kuphasa. Okunye ukuthi ungadayisa ngemali engaphezu kwaleyo oyifunayo uma beqhubeka nokuyibanga imoto."
IWoodford Bid ithe ungabhalisa ku-www.woodbid.co.za ufake imininingwane, usho imali oyifunayo bese ubuka bebangisana ngayo. Ukhokha uR50 wokuklelisa imoto bese kuba nochatha owukhokha uma imoto isidayisiwe.