IMOTO: VOLKSWAGEN AMAROK
IVOLKSWAGEN Amarok entsha izoba ngenye yezimoto ezibalulekile emnothweni waseNingizimu Afrika njengoba izokwakhiwa kuleli kuphela.
I-Amarok izokwakhiwa efemini yakwaFord eseSilverton, ePitoli, ngemuva kokuthi lezi zinkampani zasayina isivumelwano sokusebenzisana ngo-2019.
Izoqala ukudayisa kuleli ngoMashi 2023.
Esemakethe njengamanje futhi esibe khona kusuka ngo-2010, yakhiwa e-Argentina.
Njengoba iFord neVW zisebenzisana, isisekelo se-Amarok entsha sibolekwe kwiRanger entsha. Amathumbu ayo nenjini kuyefana neRanger.
Izinjini zihlukene ngezinhlobo eziyisihlanu. Kunezine zikadizili neyodwa kaphethroli. Amandla azo aphakathi kuka-110kW no-222kW. U-gearbox uyi-10 speed automatic njengeRanger. Kukhona noshintshwayo nozishintshayo oyi-6 speed noyi-5 speed okuvela ukuthi uzotholakala kwi-single cab.
Phambilini i-Amarok ibidonsa ngawo womane amasondo kodwa entsha uzokwazi ukuzikhethela ukuthi idonse ngamabili okanye ngawo wonke, kuye ngesimo okuso.
I-Amarok, etholakala ngeSingle Cab noma ngeDouble Cab, entsha inkulu futhi yinde kunendala. Ihlukene nezinhlobo okuyi-Amarok, Life, Style, PanAmericana (eyakhelwe abathanda ukungena nasobhuqwini) ne-Aventura eshuniwe phambilini eyayibizwa nge-Extreme.
Le nkampani ithi yenze konke ukuze ibukeke futhi izwakale njengeVW. Nebala uma uyibuka yehlukile ngaphandle uma ungazi ngeke usho ukuthi inobuhlobo neRanger.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa amarimu aze afike ku-21inch ubukhulu. Inamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva. Okuhle wukuthi isivalo sesikhenke asisindi silula futhi uyakwazi ukuthola ikhava ehamba ngogesi nokuyinto entsha kuyo.
Ngaphakathi njengoba isiyinde kuyenza ivuleke. Ine-digital cockpit ne-screen se-infotainment system esingu-10 inch noma u-12 inch.
Njengasezimotweni ezincane zakwaVW, uyakwazi ukufaka izipikha zeHarman Kardon.
Abakugqamisayo wukwengezwa kwezinsiza zomshayeli ezintsha ezingu-20 ebezingekho phambilini. Zihlanganisa i-adaptive cruise control, IQ.Lights LED, ama-drive modes ayisithupha ahlukene nokunye.
Eminye imininingwane izodalulwa ngemuva kokwethulwa kwayo kwabezindaba bakwamazwe ahlukene kuleli ngoNovemba.