IMOTO: LAND CRUISER PRADO VX-L
I-TOYOTA Land Cruiser Prado izakhele igama ngokuba yimoto oyishayela ukhululeke ngaphakathi ngoba akukho lapho ozovimbeka khona futhi ifohla noma yikuphi.
Uma kuwukuthi uyinhlobo yomuntu ethenga imoto ngenxa yobuhle, kuzokujabulisa ukuzwa ukuthi ayiyimbi nakancane. Inegrille egqize ngechrome, le chrome uphinde uyithole nakuma-fog lamp ezansi bese iba namaLED headlights amakhulu namadaytime running lights. Inamarimu angu-18, isitebhisi sokugibela bese kuba amaroof rails okhakhayini. Ngemuva itete isondo emhlane.
Ngaphakathi yinhle iqedile inezihlalo eziyisikhombisa eziyisikhumba kodwa uma kungenzeka kumele ungalokothi uthathe ezimhloshana njengezale moto esihamba ngayo ngoba ziyakuzwela ukungcola.
Ivulekile abagibeli bahlala kahle. I-9 inch touchscreen infotainment system ithuthukisiwe. Inenkombandlela, udlala umsakazo, ubona ingaphandle njengoba inamakhamera umzimba wonke futhi ubuye uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Inamawindi asebenza ngogesi, aircon, sunroof, isiqandisi esingena i-6 pack nokunye okuningi. Injini nayo ithuthukisiwe, kwanyuswa amandla ngo-30kW no-100kNm enjinini engu-2.8 GD-6 njengoba isiphethe u-150kW netorque engu-500Nm. Idonsa ngogearbox ozishintshayo oyi-6 speed. Amandla ayo ayenza ikwazi ukudonsa isisindo esingu-3,000kg.
Indlela edla ngayo udizili bathi nayo bayithuthukisile njengoba bethi idla amalitha angu-7.9 ngo-100km kodwa sihamba ngayo ibiphuza angu-11. Ithangi likhulu lingu-150 litres (87 litres elokuqala no-63 elilekelelayo) nokwenza ukuthi igcwele ikutshele ukuthi ungahamba ibanga elingaphezu kuka-1000km. Ukuligcwalisa lo-150 litres akuyona into eshibhile.
Uma uhamba ngayo intofontofo futhi ithule, iqala ukusinda kancane kodwa uma isiqaqeka ihamba kamnandi. Inamadrive mode ahlukene okungu-Comfort, Sport, Sport +, Normal and Eco. Inezinto ezengeza ukuphepha okuyiPre-Collision System (PCS), Adaptive Cruise Control (ACC), Blind-Spot Monitoring (BSM), Lane Departure Alert (LDA) neRear Cross Traffic Alert (RCTA).
Uma usungena obhuqwini nakhona intofontofo futhi itorque iyifaka kakhulu esondweni elisuke lisemgwaqweni ukuze ingabhajwa. Kwicentre console kunamabhathini eMulti-Terrain Select okuyilapho uhlela khona ukuthi uhamba kusimo esinjani somgwaqo bese yona iyazisetha ngendlela ukuze imelane naleso simo.
Intengo
Prado 2.8L Diesel VX-L– R 1150 500
Iphuma neservice plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.