UMENGAMELI wakwaVolvo Trucks, uRoger Alm, uthi kuzoshaya u-2030 u-50% wamaloli abawadayisayo kube ngahamba ngogesi kuphela.
Uthe sebedayise amaloli ahamba ngosi angaphezulu kuka-2 600 futhi babheke ukuthi lesi sibalo sinyuke kule minyaka ezayo.
ENingizimu Afrika inkampani iKDG Logistics isanda kusayina incwadi yokuthi izimisele ngokuthenga amaloli amabili ahamba ngogesi amaVolvo FM 4x2 Electric Truck Tractors. Kulindeleke ukuthi afike maphakathi nonyaka ozayo futhi azosebenzela eThekwini.
Isikhulu sakwaVolvo Trucks South Africa, uWaldemar Christensen, sithe leli yigxathu elibalulekile lokuthi abantu bakuleli bamukele izimoto ezihamba ngogesi.
“IVolvo Trucks namakhasimende bathi bazimisele ukubhekana nenselelo yokusebenzisa izimoto ezingayingcolisi imvelo yize ingekho ingqalasizinda efanele nemithetho ugqugquzela lokho lapha,” kusho uChristensen.
Ukhuluma kanjena nje, kuqalile ukukhiqizwa kwamaloli amakhulu ango-44 tonne ahamba ngogesi. IVolvo Trucks ikhiqiza izinhlobo ezihamba ngogesi zamaloli ayo amaVolvo FH, Volvo FM namaVolvo FMX.
Ukukhiqizwa kuzoqala efemini iTuve eSweden bese kuthi ngonyaka ozayo kuqale eBelgium.