IVOLVO imemezele ukuthi zonke izimoto zayo zizobe zihamba ngogesi kuphela ngo-2030.
Le nkampani yaseSweden ithe ngo-2025 uhhafu wezimoto ezidayisayo kuzobe kuyizimoto ezihamba ngogesi kuphela kuthi omunye kube ngezihamba ngophethroli nebhethri ama hybrid.
Isikhulu sakwaVolvo uHakan Samuelsson sithe sikhlwa ukuthi alikho ikhasimene elizobe lifuna ukuhamba ngemoto kaphethroli futhi izimoto zikagesi yizona ezizobe ziheha kakhulu.
Le nkampani ephehthwe yiZhejiang Geely Holding Group ithe eminyakeni ezayo izokwethula izimoto zayo ezintsha ezihamba ngogesi nezizodayiswa online.
Ithe amagaraji ayo angu-2 400 emhlabeni jikelele azoqhubeka nokuba khona ukusevisa izimoto nokusiza amakhasimende uma ethenga online.
IVolvo yethule imoto entsha ehamba ngogesi iC40 Recharge eyelama iXC40 Recharge. Ifika nama nezinjini zebhethri ezimbili ngemuva nangaphambili ezinebhethri elingu-78kWh. Uma ulishaja ngeshaja ye fast-charge lifika ku-80% ngemizuzu engu-40 futhi ikwazi ukuhamba ibanga elilinganiselwa ku-420km.
Le moto ngeke ize idayise egaraji kodwa izotholakala online kuphela.
Isikhulu sakwaVolvo Car South Africa uGreg Maruszewski sithe bazoletha iXC40 Recharge kuleli futhi bazoqinisekisa maduze ukuthi iza nini.
"Yize izinhlelo zokwethula iVolvo C40 Recharge eNingizimu Afrika zingakaqinisekiswa kodwa ngiyajabula ukusho ukuthi sizoletha iXC40 Recharge, imoto yethu yokuqala kagesi kuleli zwe kulo nyaka. Yigxathu elibalulekile ezinhlelweni zethu," kusho uMaruszewski.