IPHOTHULIWE ukwakhiwa indawo yokugcina amaphathi ezimoto zakwaToyota, iToyota Africa Parts Centre (Tapc) eseBoksburg, eGauteng.
Le ndawo ebibizwa nge-Atlas Parts Warehouse, isigaba sayo sokuqala savulwa ngo-2012.
“Ngiyajabula ukubika ukuthi ukunwetshwa kwe-Atlas Parts Warehouse ngoR365 million, okuqale eminyakeni emibili edlule, sekuphelile. Kuyangijabulisa futhi ukumemezela ukuthi lesi sikhungo sesizokwaziwa ngeToyota Africa Parts Centre noma iTapc,” kusho isikhulu sakwaToyota South Africa Motors (Tsam), u-Andrew Kirby.
Isigaba sokuqala sasingu-40,000m² futhi manje ukuvulwa kwesigaba sesibili sekwenze saphindeka kabili nabathi kulingana nezinkundla zokudlala ibhola ezingu-11.
U-Anand Pather, oyisikhulu sakwaCustomer Services kwaTsam, uthe le ndawo igcina amaphathi alinganiselwa ku-2,700,000 angabiza uR900m abawathumela emagaraji abo angu-277 akwaToyota, Lexus neHino. Uthe babuye bawahlinzeke nasemagaraji abo aseBotswana, Lesotho, Namiba naseSwatini nakwamanye amazwe aseSub-Saharan Africa.
Isikhulu sokudayisa nokumaketha eTsam, uLeon Theron, uthe iTpac idlala indima enkulu enjongweni yabo yokudayisa izimoto ezingu-131 000 kulo nyaka.
“Kumaphathi sifuna ukudayisa abiza uR7.2 billion kulo nyaka futhi sithemba ukusevisa izimoto ezilinganiselwa ku-1.4 million kulo nyaka.,” kusho uTheron.