IToyota South Africa Motors (Tsam) ithi isiqhamuke nezindlela zokunqanda ubugebengu bokwebiwa bezimoto obudlangile ezweni.
Ithe ucwaningo olwenziwe luveza ukuthi izigebengu zisebenzisa ubuchwepheshe bokweba izimoto zikanokusho obukwazi ukuzivula uma ukhiye useduze (keyless entry).
Enye yezinto ezenza lokhu wukunyuka kokusetshenziswa kwezimoto ngoba kuvulwe amabhizinisi ngemuva komvalelandlini weCovid-19 kanjalo nobugebengu obusha obusetshenziswa yizigebengu.
Ithe lokhu kuthinta zonke izinkampani kodwa yona ibiyenza ucwaningo nokuqhamuka nezokuphepha ezimotweni zayo, yathi ibambisene namaphoyisa iSouth African Police Services (SAPS) ukuthola izindlela ezisetshenziswa yizigebengu uma zeba izimoto.
Lokhu kuveze izindlela ezintathu: iCAN Attack, Fob Relaying nokugqekeza nokwenza ukhiye ongumgunyathi.
I-CAN Attack bathe yenzeka uma kungenwe kwiControl Area Network yemoto ngokusebenzisa imishini bese izigebengu zingena kwi-computer system yemoto ukuyidumisa.
IFob Relaying yenzeka ngokusebenzisa ama-receiver nama-transmitter ukufunda ukhiye wemoto ikumnikazi nokwenza izigebengu zikwazi ukuyivula nokuyidumisa.
Ukugqekeza nokwenza ukhiye womgunyathi kwenziwa ngokusebenzisa amthuluzi okucisha i-alarm yemoto nokwenza ukhiye wayo ongewona ungqo.
ITsam ithe ngemuva kokufunda konke lokhu, iqhamuke nezindlela zokugwema ukwebizwa kwezimoto zakwaToyota nakwaLexus. Ithe lokhu sekusatshalaliswe emagaraji ayo futhi kuhlolwe nayiVSS Administration, okuyinhlangano ezimele egxile kwezokuphepha kwezimoto.
ULeon Theron oyisikhulu sezokuDayisa nokuMaketha eTsam, uthe bazinikele ekwakheni izimoto eziphephile futhi ezithembekile benjalo bahlale beqhamuka nezindlela zokuthuthukisa ezokuphepha.
"Ngifuna ukwengeza ukuthi abanikazi bezimoto ngeke belahlekelwe yi-warranty yezimoto zabo uma bekhetha ukufaka ezokuphepha ezithengwa eceleni, inqobo nje uma zifakwa yisikhungo esisemthethweni," kusho yena.
Uthe abanezimoto ezithintekayo bengazisa emagaraji kusuka kule nyanga futhi nalezi eziya kwisevisi zizofakwa ngaphandle kokuthi bakhokhe.
Izimoto ezithintekayo yilezi; Hilux Legend kusuka ngo-2019; wonke amaFortuner kusuka ngo-2016; Land Cruiser Prado (VX and VXL kusuka ngo-2017); wonke amaLand Cruiser 200 ane Smart Entry, Land Cruiser 300 nawo wonke amaLexus RX namaLX kusuka ngo-2015.