ITOYOTA South Africa Motors (Tsam) ithi iyaziqhenya ngendlela iToyota Corolla Cross, enqobe umklomelo weSouth African Car of The Year (Coty), eyamukelwe ngayo kuleli.
ICorolla Cross iklonyeliswe lo mklomelo yiSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ) kuleli sonto.
“Egameni leToyota, okuhlanganisa amagaraji, ozakwethu efemini kanjalo nabadayisi nabakhangisi, siyaziqhenya ngendlela iCorolla Cross eyamukelwe ngayo, hhayi kuphela ngamakhasimende kodwa nabezindaba,” kusho uLeon Theron oyisikhulu sokudayisa nokumaketha.
ICorolla ike yanqoba lo mklomelo ngo-1986 nango-1989.
ICorolla Cross yakhiwa kwaToyota eProspecton, eThekwini.
Njengamanje ayakhiwa njengoba kusazanywa ukulungisa umonakalo wezikhukhula zango-Ephreli ophazamise ukwakhiwa nezinye iCorolla Quest, Toyota Hilux, Fortuner neHiace Ses’fikile.
USihlalo weSAGMJ, uCarl Wepener, uthe bezingaphezu kuka-49 izimoto ebezikhona ngaphambi kokuthi amajaji anciphise uhla lube ngu-25 kowandulela owamanqamu.
IPeugeot 208, eyadla umhlanganiso weCoty ngonyaka odlule, ivotelwe ngabantu emunxeni weMotor Enthusiasts Choice Category.
Uhla lwemiklomelo lumi kanje:
•Compact Category: Toyota Urban Cruiser
•Compact Family Category: Toyota Corolla Cross
•Midsize Category: Mercedes Benz C-Class
•Performance Category: Volkswagen Golf GTI
•New-energy Category: Toyota Corolla Cross Hybrid
•Adventure SUV Category: Toyota Landcruiser 300
•Double Cab 4x4 Category: Nissan Navara