ZIDAYISE kakhulu ngenyanga eyodwa selokhu kwaqala iCovid-19 eNingizimu Afrika izimoto ngoMashi.
Ngokwezibalo ezishicilelwe yiNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) izimoto ezidayise ngoMashi zibe ngu-50 607. Ithe lesi yisibalo esikhulu kusuka ngo-Okthoba ka-2019.
Sinyuke ngo-7 184 noma u-16,5% uma kuqhathaniswa noMashi ka-2021 lapho ezazingu-43 423 khona.
Isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle sehle ngo-4 861 noma ngo-12,4% zaba ngu-34 285 kanti ngoMashi nyakenye zazingu-39 146.
Kuzona zonke izimoto ezingu-50 607 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-43 441 noma u-85,8% udayise emagaraji, u-8,2% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-4,6% udayiselwe uhulumeni kwathi u-1,4% kwaba ngowezinkampani.
Isibalo sezimoto ezincane sinyuke ngo-7 191 noma u-27,0%. NgoMashi wonyaka odlule zazingu-26 599 kanti kulokhu zibe ngu-33 790. Izimoto ezingama light commercial vehicle, amaveni namatekisi zibe ngu-13 795. Yisibalo esehle ngo-389 noma u-2,7% zisuka ku-14 364 ngonyaka odlule.
Ngokwezibalo zeWesBank, iToyota igudluze iVolkswagen ngokudayisa kakhulu esigabeni sezimoto ezincane.
Phambilini izimoto zakwaVW iPolo nePolo Vivo bekuyizo ezidayisa kakhulu kodwa ngenyanga edlule kube yiToyota Corolla Cross okudayiswe angu-2 384. IPolo ilandela ngemuva ngo-2 259 bese kuba yiPolo Vivo ngo-2 117.
NgoFebhuwari kwakudayise amaPolo angu-2 004, amaCorolla Cross angu-1 693 namaPolo Vivo angu-1 634.
KumaLight commercial vehicle iToyota Hilux yiyo ephambili ngo-4. 561, iHiace ngo-1 675 bese kuba yiSuzu D-Max ngo-1 378.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
Toyota – 15 008
Volkswagen Goup SA – 6 433
Hyundai Automotive South Africa – 3 816
Suzuki Auto – 3 347
Nissan – 3 132
Renault – 2 600
Ford Motor Company – 2 235
Haval Motors – 2 036
Kia South Africa – 1 910
Isuzu Motors South Africa – 1 723
BMW Group – 1 225
Mahindra – 1 219
Mercedes Benz – 1 155
Stellantis – 751
Mazda Southern Africa - 612