IMOTO: TOYOTA FORTUNER
ITOYOTA Fortuner yimoto oyithola isetshenziswa abantu abahlukene ngokwezigaba zempilo ngendlela eyintandokazi ngayo kubathengi.
Kusukela yethulwa ngo-2006 idayisa ubuthaphuthaphu zinyanga zonke. Iyintandokazi kubaculi bakamaskandi, uyifica ihamba izikhulu zikahulumeni, imindeni ngisho neSilo samaZulu imbala uMisuzulu KaZwelithini sihamba ngayo.
Kuthe ngasekupheleni konyaka odlule kwaToyota bayithuthukisa kodwa bangashintsha okuningi ngoba yakhelwe phezu kwesisekelo esiqinile.
Esihamba ngayo lapha yiVX phambilini ebingekho nokuyiyo eseqhulwini emndenini wamaFortuner.
Uma uyibuka yiFortuner ejwayelekile kwazise ayiyintsha kunalokho bayishinshe ingaphambili eline-grille enkulu emnyama bese iba ne-chrome ecwebezelayo. Amalambu amakhulu angamaBi-LED nawo ashintshile futhi anamaLED daytime running lights bese iba namaLED fog lamps ezansi.
I-chrome igudla emawindini ize iyoshaya ngemuva futhi ikhona nasezibanjeni zezicabha. Amarimu makhulu angu-18 inch.
Ngemuva inamalambu amasha bese iba ne-spoiler okhakhayini.
Lezi zinguquko ziyenza ibukeke kahle.
Ngaphakathi imnyama sucu nokuyinto enhle ngoba ayingcoli kalula futhi izihlalo ziyisikhumba (ezangaphambili ziyafudumala).
Kukhona i-8 inch infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. I-instrument cluster nayo bayenze kabusha. Ezinye izinto enazo yikhamera ngemuva, amawindi kagesi, adaptive cruise control, indawo yokuxhuma i-twin plug nesicabha sebhuthi esivuleka ngogesi.
Ebhuthini kukhona ezinye izihlalo njengoba ilayisha abagibeli abayisikhombisa kodwa uyakwazi ukuzigoqa ukuze kwande isikhala. Kungaba kuhle uma kwaToyota bengazenza zilale phansi uma zivaliwe kunokuthi zigoqeke zinamathele ezinhlangothini.
Injini engu-2.8 GD-6 yengezwe amandla njengoba isiphethe u-150kW ne-torque engu-500Nm. Isebenisa ugearbox ozishintshayo oyi-6 speed.
Injini ayikhalisi nakancane futhi kwaToyota bathi iyonga idla amalitha angu-7.9 ngo-100km yize kithi ibiphuza angu-10 ngebanga elifanayo. Isikhathi esiningi nokho sisichithe sihamba hamba edolobheni.
Uma uke waphuma etiyeleni wayifaka obhuqwini awukhathazeki nakancane ngoba iyi-4x4 ephakeme futhi ekwazi ukuhamba noma kunzima. Amandla ayo ayenza ikwazi ukudonsa isisindo esingu-3 300kg.
Uma ushayela unganakile uzwa ikutshela uma ungase ushayise imoto ephambi kwakho. Ezinye zokuphepha ukuthi isho uma uphuma emzileni, indawo yokufasa isihlalo sengane, ABS, EBD, Brake Assist, VSC, Trailer Sway Control neTraction Control.
IFortuner ithandwa kufanele ngoba iyazifeza izidingo.
Intengo
Fortuner 2.8 GD-6 4X4 VX 6AT- R 790 500
Ifika ne warranty yeminyaka emithathu noma u-1000km ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km.