IMOTO: SUZUKI BALENO
UMA wubuzitshela ukuthi iSuzuki ibuyise iBaleno endala, yashintsha indlela ebukeka ngayo, kuyobe ushaye eceleni njengoba bethi iyimoto entsha sha ongeke uyiqhathanise nendala njengoba inobuchwepheshe obusha.
Ngesikhathi yethulwa ngokusemthethweni ngeledlule iSuzuki Baleno, bekunesiqubulo esithi “Abanye bazolandela.”
Yize bebengakuphimiseli ukuthi babhekise kobani abazolandela kodwa bekucaca ukuthi baqonde embangini yabo enkulu iToyota Starlet. Babuye bangeza nobuchwepheshe obuzishiya kude nezinye izimbangi zayo, okuyiHyundai i20 neKia Rio.
Iphuma nenjini engu-1.5 litre futhi iyizinhlobo ezimbili okuyiSuzuki Baleno GL neGLX.
Into abaziqhenya ngayo ngale moto yi-camera yayo engu-360 degrees, okusho ukuthi ikwazi ukuyiveza yonke imoto. Ngesikhathi ngihamba ngayo ngichazekile ngendlela eyonga ngayo uphethroli njengoba ibidla u-4.8 litres ebangeni elingu-100km. Bengizitshela ukuthi iGLX izodla kakhulu njengoba kuyiyona esezingeni eliphezulu enobuchwepheshe obuningi kodwa uphethroli ibiwudla ngendlela efanayo.
Intofontofo futhi kuyathokozeleka ukuhamba ngayo. Yize ingenkulu kodwa iyabambelela emgaqweni, futhi uzizwa uhamba ngemoto enkulu njengoba nesikhala sivulekile phakathi. Amabhreki ayo ungawethemba njengoba kukhona lapho kuphoqe ukuthi ngiyibambe eduze kodwa yakwazi ukuma nse ngaphandle kokushayisa ngovalo.
Kukhona eshintshwayo enamagiya amahlanu ukuya phambili nezishintshayo. Yize ngingalitholanga ithuba lokuhamba ngezishintshayo kodwa kuvele ukuthi yona inamagiya amane. Lokho kuqubule imibuzo ukuthi kungani encishiswe kangaka kuyona kodwa abakwaSuzuki baveza ukuthi inhloso wukucabangela amakhasimende abo ukuthi akwazi ukonga uphethroli.
Baphinde benza isiqiniseko sokuthi yize yandiswe ubuchwepheshe kodwa nentengo yayo ingaphansi kweyezimbangi zayo. Iscreen se-infotainment kwiGL singu-7 inch kanti eseGLX singu-9 inch.
Izinto ephuma nazo egaraji, iCruise Control, imbobo ye-USB neyokulayitha ugwayi ngaphambili, indawo yokuphuza ingalo enendawo yokufaka izinto ezincane, i-glove box engu-4,800ml nokunye.
Amandla ifuqa u-77 kW ne-torque engu-138Nm.
Kwezokuphepha iphephile kakhulu njengoba inama-airbags ayisithupha, iphinde ibe nePedestrian Injury Mitigation ukukusiza ukuthi ubone uma uzoshayisa umuntu. I-GL inembobo kakhiye uma uyidumisa kodwa iGLX isebenzisa ibhathini ukuyidumisa nokuyicisha.
Intengo:
GL 5MT - R225 900
GL 4AT - R245 900
GLX 5MT - R275 900
GLX 4AT - R295 900
Iphuma ne-service plan yeminyaka emine noma ibanga elingu-60 000 km, ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga elingu-200 000.