IMOTO: VW TIGUAN R neGolf 8 R
IMOTO evale u-2021 ngokudayiswa kakhulu kwaVolkswagen (VW) emhlabeni jikelele, yiTiguan. Kanti isigaxwe injini enamandla yashintshwa nendlela ebukeka ngayo kwazeleka, iTiguan R.
Izimoto zakwaVW uma sezinoR kusuke sekusho ukuthi zinamandla njengoba kwenzeka kwiGolf.
ITiguan R inenjini efana neyeGolf 8 R engu-2.0 litha kaphethroli. Inamandla angu-235kW netorque engu-400Nm, athunyelwa kuwo wonke amasondo wugearbox oyi-7 speed DSG. Kuyithatha imizuzwana engu-5.1 ukusuka ku-0 ibambe u-100km/h.
Iyashesha futhi ayizwakali ukuthi isejubaneni ngaphandle uzojeqeza kwidigital instrument cluster, efika nayo. Lokhu kungenxa yokuba ntofontofo nokuthula kwayo ngaphakathi. Nomsindo kaVrr Pha, olindeleke ezinqaweni ezine ngemuva awukho kangako nokungaba yiwo ongakunika isithombe sokuthi sekuyasheshwa.
Uma uthanda uyakwazi ukufaka izinqawe ze-Akrapovic ezenza ukuduma kunyuke. IneDynamic Chassic Control (DCC) yenza ukuthi ukhethe indlela eduma ngayo, isisindo esiteringini nendlela ezwela ngayo emabhampini.
KwaVW bathi banamaTiguan R alinganiselwa ku-300, abafuna ukuwadayisa kusuka manje kuze kuphele unyaka ngaphambi kokwamukela esinye isitokwe esisha.
Indlela ebukeka ngayo ngaphandle iyaheha ngoba inamarimu angu-20 inch efika nawo, ipanoramic sunroof nemibala egqamile eyisithupha okhetha kuyo. Ngaphakathi yiTiguan R ejwayelekile ngaphandle kwezinto ezincane eziyenza yehluke. Inezihlalo zesikhumba ezinoR oluhlaza okwesibhakabhaka nesiteringi seR. Inediscover pro navigation infotainment system, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nokunye. Uma uthanda wengeza izipikha zeharman kardon, park assist, adaptive cruise control amarimu angu-21 inch nokunye.
Golf 8 R
IGolf 8 R izoqala ukudayisa kusukela ngonyaka ozayo ngenxa yokushoda kwesitoko. Yilapho abathembise ukuqinisekisa khona intengo.
Okhulumela iVolkswagen eNingizimu Afrika, u-Andile Dlamini, uthe ukushoda kwesikhumba esenza izihlalo ngenye yezinto ezenza kube nokubambezeleka.
“Siyakuqonda ukucasuka kwabantu futhi siyaxolisa kodwa yizimo ezingaphezu kwamandla. Yizinkinga eziphazamisa nokudayisa i(Golf 8) GTI kuleli,” kusho uDlamini.
IGolf 8 R izwakala ishesha ukungena ejubaneni yize bethi kuyithatha imizuzwana engu-4.8. Lokhu kubonakala kungaphansi kwendala enamandla angu-228kW yona okwakuyithatha engu-4.6 kodwa akuzwakali nhlobo. Empeleni ngeke ngithuke uma igijima yedlula okubhalwe phansi.
Okumnandi ngayo wukuthi yimoto yansuku zonke ngoba emabhampini ayizweli kakhulu ngenxa yeDCC njengakwiTiguan R. Uma ufake iBlack performance package ene-drift mode, ijubane ligcina ku-270km/h.
Ukudonsa ngawo womane amasondo kwenza ibambelele emakhoneni futhi amandla emasondweni angemuva iwathumela ngokuhlukana.
Phakathi kwezinto enazo kubalwa amarimu angu-18 inch, panoramic sunroof, discover pro navigation infotainment system, nokunye. Ongakwengeza izinqawe ze-Akrapovic, izinsiza zokushayela ezengeza ukuphepha, amarimu ngu-19 inch nokunye.
Intengo:
Tiguan R - R999 900
Zombili zinewarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.