IMOTO: MAZDA CX-30
IGCINE ithelekile eNingizimu Afrika iSUV encane yakwaMazda, iCX-30 eyaqala ukwethulwa emhlabeni ngo-2019. I-CX-30 yaqala ukubonakala embukisweni wezimoto iGeneva International Motor Show, eSwitzerland, ngoMashi ngo-2019, yaqala ukudayisa kwamanye amazwe ngu-Ephreli.
Isikhulu sakwaMazda Southern Africa, uCraig Roberts, sithe bayajabula ngokwethula le moto eyakhelwe abantu abasebancane. Kusukela yethulwa isihlomule ngemiklomelo ehlukene okubalwa kuyo isicoco se-2020 Car of the Year eThailand, yaba kowamanqamu we-2020 World Car of the Year futhi yathola izinkanyezi ezinhlanu zokuhlolelwa ukuphepha ngabe-Euro NCAP.
Le moto ingena phakathi kwamaSUV akwaMazda iCX-3 neCX-5 nokuyisigaba samaSUV esikhombisa ukuba yintandokazi ubathengi emazweni ahlukene. Ifika ngezinhlobo ezintathu izinogearbox ozishintshayo i-Active, Dynamic ne-Individual. Zinenjini engu-2.0 SKYACTIV-G enamandla angu-121kW netorque engu-213Nm.
Zonke zifika namaLED headlamps, ama-airbag omshayeli, abagibeli, awasedolweni kumshayeli, awaseceleni, Head-Up Display, MZD Connect infotainment system, Apple CarPlay/Android Auto nokunye.
I-Active neDynamic zinamarimu angu-16 inch kuthi i-Individual ibe nangu-18 inch. Ngaphakathi i-Active neDynamic zinendwangu ngaphakathi ezihlalweni kuthi i-Individual ibe nezihlalo zesikhumba.
Amanani
Mazda CX-30 2.0L Active 6AT R469,000
Mazda CX-30 2.0L Dynamic 6AT R499,000
Mazda CX-30 2.0L Individual 6AT R540,000
Zifika neservice plan yeminyaka emithathu engakalelwe ibanga olihambile, warranty yeminyaka emithathu, roadside assistance yeminyaka emithathu necorrosion warranty yeminyaka emihlanu.