INTATHELI YESOLEZWE
ISIGCINE yethuliwe eNingizimu Afrika iLand Rover Defender okuyimoto osekunesikhathi kubikezelwa ukuthi isendleleni.
I-Defender yaziwa ngokuba yinqokonqoko yemoto eyinsimbi kayigobi ngenxa yokuthi ihamba noma yikuphi ngaphandle kokuxakeka.
Ifike ihlukene ngezinhlobo njengoba eyokuqala kuyiDefender 110 lapho amakhasimende ekhetha phakathi kwelayisha abagibelo abahlanu, abayisithupha noma abayisikhombisa. Isikhala ebhuthini siphakathi kuka-1 075 litres no-2 380 litres.
Enye ngene-wheelbase emfishane okuyiDefender 90 okulindeleke ukuthi ifike kuleli ngonyaka ozayo.
I-110 ifika nenjini engu-3.0 straight six-cylinder P400 eneMild Hybrid Electric Vehicle technology enamandla angu-294kw ne-torque engu-550Nm.
Kukhona nenenjini engu-2.0 litre turbocharged kaphethroli enamandla angu-221kw ne-torque engu-400Nm bese kuba khona ekadizili enamandla angu-177kw ne-torque engu-430Nm.
Izinto efika nazo nendlela ezibukeka ngayo zihlukaniswe ngezinhlobo okiyiDefender, S, SE neHSE.
Idonsa ngawo wonke amasondo, air suspension, LED headlights, navigation, amakhamera aveza umzimba wonke, 10 inch infotainment system, Apple CarPlay/Android Auto nokunye.
I-S yona yengeza izihlalo ezihlelwa ngogesi, isikhumba egiyeni, 12.3 inch Interactive Driver Display, amalambu azikhanyelayo aphinde azicishe u-bright nokunye.
KwiSE kwengezwe i-keyless entry, ClearSight interior rear view mirror, isiteringi esihlelwa ngogesi, 400W 10-speaker Meridian sound system, blind spot assist. I-HSE ine-panoramic roof, Driver Assist Pack, izihlalo zesikhumba ezishisa ziphinde zibande namaMatrix LED Headlights.
I-Defender X eyakhelwe phezu kwesisekelo seHSE ifika nokhakhayi olumnyama nobhonethi, i-chrome, ama-brake calipers aphuzi, 700W Meridian Surround Sound System ene-subwoofer, Head-up Display nokunye.
Eyakhelwe phezu kwesisekelo seSE yiDefender 110 First Edition enamarimu, ukhakhayi olumnyama olune-panoramic glass, centre console eyisiqandisi nokunye.
Okwenza le moto ikwazi ukuhamba ezindaweni ezimbi nasogwadule wukuthi idonsa nawo womane futhi kukhona i-centre differential.
Ukuphakama kwayo kufinyelela ku-291mm.
Amanani:
Defender 110 177kW D240
R1,050,100
Defender 110 177kW D240 S
R1,096,100
Defender 110 177kW D240 SE
R1,155,600
Defender 110 177kW D240 HSE R1,259,800
Defender 110 177kW D240 First
Edition R1,260,600
Defender 110 221kW P300
Standard R1,050,100
Defender 110 221kW P300 S
R1,096,100
Defender 110 221kW P300 SE
R1,155,600
Defender 110 221kW P300 HSE
R1,259,800
Defender 110 294kW
P400
R1,187,000
Defender 110
294kW P400 S R1,224,200
Defender 110
294kW P400 SE R1,286,700
Defender 110
294kW P400 HSE R1,387,900
Defender 110 294kW
P400 First Edition R1,377,100
Defender 110
294kW P400 X R1,574,500