INATIONAL Consumer Commission (NCC) igqugquzela abanikazi bamaMercedes-Benz ML, GL (model series 164) neR-Class (model series 251) ukuthi bayeke ukuzishayela bese bethinta iMercedes-Benz ngokumele bakwenze.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi le nkampani emhlabeni jikelele imemezele ukuthi lezi zimoto kumele zibuyiswe ziyohlolwa ngenxa yokuthi kungenzeka amabhreki engasebenzi kahle nokudalwa ukuguga ezindaweni ezithile.
Kuthiwa zilinganiselwa ku-13 159 izimoto ezithintekayo eNingizimu Afrika.
Obambe njengokhomishana weNCC, uThezi Mabuza, uthe batshelwe ukuthi izimoto kumele zibuyiselwe ngemuva kwesimemezelo ekomkhulu lakwaMercedes-Benz.
“Sizwa ukuthi lokhu kungenxa yokuthi amabhreki engasebenzi kahle nokungaholela ezingozini nokulimala. Izimoto ezithintekayo zakhiwa phakathi kuka-2006 no-2019. Sigqugquzela abantu ukuthi bangazishayeli lezi zimoto bese bethinta inkampani ngokunye,” kusho uMabuza.
Abashayeli bagqugquzelwe ukuthi bashayele iMeredes-Benz South Africa ku-0800 133 355.