IMOTO: RENAULT KIGER
NGISANDA kubona ucwaningo lokuthi iRenault Kiger ithole izinkanyezi ezine ngesikhathi ihlolwa ezokuphepha ngabeGlobal NCAP e-India.
Lokhu yinto enhle ngoba kuyaziwa ukuthi izingozi zandile emgwaqeni futhi kumele abagibeli bavikeleke.
IKiger yakhiwa ndawonye neNissan Magnite khona e-India. Ngale kokuthi lezi zimoto zinezinto ezifanayo ngazo kepha ziphinde zibange abathengi. Ngaphandle kwazo kukhona namanye amaSUV amancane ongabala kuwo iSuzuki Vitara Brezza, Kia Sonet, Hyundai Venue, Toyota Urban Cruiser nezinye.
IKiger ifike ukuzovala isikhala seRenault Sandero engasadayisi kuleli.
Ihlukene ngezinhlobo ezintathu njengezinye izinhlobo zamaRenault okuyiLife, Zen ne-Intens esihamba ngayo.
Igabade ilishiye ngo-205mm nokwenza ingashayi kalula phansi uma uyifaka obhuqwini futhi nomshayeli awubone kahle umgwaqo.
Injini ehamba ngayo ingu-1 litre turbo enamandla angu-74kW ne-torque engu-160Nm. Inogearbox ozishintshayo oyiCVT.
Isikhathi esiningi ngisichithe ngihamba ngedwa futhi akukho lapho ibishoda ngamandla khona.
Ezokuphepha zihlanganisa amabhreki e-ABS ne-EBD, Electronic Stability Program, ama-airbag amane ngaphakathi, ikhamera nama-sensor asiza uma upaka ngemuva.
Yize ibukeka futhi izwakala ngathi kusetshenziswe izinto ezishibhile ukwakha ingaphakathi kepha inothe ngezinto ezitholakala ezimotweni zesimanje okubalwa kuzo itouchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo, inamawindi kagesi nezibuko zasemaceleni ezihlelwa ngogesi futhi uzigoqe uma uthanda, aircon, amalambu eLED nokunye.
Bengibuye ngikhohlwe ukuthi uma upaka usiyicishile isicabha siyaqhubeka nokuzikhiya asivuleki njengakwezinye izimoto. Kumele uciphiza ibhathini elingakwelamahazard okanye uvule esicabheni.
Isikhala sikhulu ngaphakathi uma unabagibeli futhi ebhuthini lapho kunesondo eliyisipele khona singu-405 litres nokuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-879 litres. Isikhala esingekho ngesokubeka iziphuzo.
Ngaphandle uyayibona ukuthi iyiSUV kwazise bayifake amaroof rails neskid plate. Iyabukeka inamarimu amahle angu-16 inch.
IKiger ibiza kahle futhi iyadayisa kepha izinga lingaphansi kancane kunezimbangi.
Intengo:
KIGER Intens - R294 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.