IMOTO: VW T-ROC
IQALILE namhlanje ukudayisa iVolkswagen T-Roc ethuthukisiwe nokuyiSport Utility Vehicle engena phakathi kweTaigo esanda kwethulwa neTiguan.
Selokhu yethulwa eNingizimu Afrika ngo-2020, sekuthengwe amaT-Toc angu-4 490.
Ifika nezinhlobo ezimbili iDesign neR-Line. IDesign kukhona enenjini engu-1.4 litre TSI enamandla angu-110kW netorque engu-250Nm, ISebenzisa ugearbox oyi-8 speed Tiptronic kanti ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.3. Enye iDesign kanjalo neR-Line isebenzisa injini engu-2.0 TSI enamandla angu-140kW netorque engu-320Nm. Amandla athunyelwa kuwo womane amasondo njengoba iyi-4MOTION futhi isebenzisa le njini ino-gearbox oyi-7 speed DSG.
IDesign ine-chrome, imibala emibili emzimbeni, amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva, isiteringi esiyisikhumba esinamabhathini, Adaptive Cruise control, Autonomous Emergency Braking with Front Assist, digital cockpit, 2-zone climate control, Composition Media Radio, amarimu angu-17 inch, Park Assist ama-sensor ngemuva nama-roof rails asiliva.
IR-Line inamarimu angu-19 inch, ubhampa o-sporty, izihlalo. zesikhumba, digital cockpit pro, IQ,Drive Package ehlanganisa i-Autonomous Emergency Braking with Front Assist, Adaptive Cruise Control with speed limiter neProactive passenger protection system for Front Assist neSide Assist.
Intengo:
T-Roc Design 1.4 TSI 110kW Tiptronic - R563 800
T-Roc Design 2.0 TSI 140kW 4MOTION DSG® - R627 300
T-Roc R-Line 2.0 TSI 140kW 4MOTION DSG® - R660 400
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, i-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.