IMOTO: MAHINDRA SCORPIO N XUV 700
I-NINGIZIMU Afrika ibe nethuba eliyingqayizivele lokuba yingxenye yokwethulwa kweMahindra Scopio N, XUV 700 entsha,. Lolu hlobo lwemoto lwethulwa ngosuku olulodwa ezweni nase-India, nokuyilapho ikhiqizwa khona.
Ukuzethemba kwabakwaMahindra ngale moto kugqame ngokuthi bayithumele eGerotek Test Facilities, eTshwane, ukuba iyohlolwa amandla ayo. Le ndawo isetshenziswa ngamasosha ukuhlola izimoto zombutho.
Amandla nokubambelela kwayo phansi kwenze ngangayingabaza nakancane. Ikulungele ukuhamba emigwaqweni ehlukene nasezintabeni kanti noma uhamba endaweni eyehlelayo awushaywa wuvalo ngoba yethembekile futhi nasemigwaqweni emazombezombe. Kukhiqizwe izinhlobo ezinhlanu phakathi kwazo kubalwa i-Z2, Z4, Z6, Z8 ne-Z8L, okuyiyona eseqophelweni eliphezulu.
Kukhona eshintshwayo nezishintshayo enamagiya ayisithupha. Kukhona enezihlalo ezinhlanu nebhuthi kube enezihlalo eziyisikhombisa engenayo ibhuthi kodwa enesikhalana esincane sokuncikisa impahla esinjengeToyota Quantum.
Okwenza ingabi nebhuthi, wukuthi isikhala sayo sidliwa yizihlalo ezengezwe ngemuva ukuze zibe yisikhombisa kodwa iyalingana ngobude nenezihlalo ezinhlanu. Uyakwazi ukuzilalisa izihlalo bese kuba nesikhala sebhuthi.
Uma ungumuntu othanda ukuhamba emaqeleni ungayethemba iZ8L. Ubuhle bayo bukudonsa uza kude. Iphinde igqanyiswe wuphawu (logo) olusha lweMahindra, nalo belethulwa ngokomthetho kanye nemoto.
Bathe yize beqhuba umlando weMahindra SUV owaqala ngo-2002, kodwa owemoto entsha wehlukile ngeke wawuqhathanisa nendala. Lokho kungenxa yezinto ezintsha ezengeziwe kuyona ezihambisana nesikhathi.
Kwezokuphepha inama-airbags ayisithupha, amabhreki ayi-ABS ane-EBD, electronic stability control (ESC), driver drowsiness detection ekukhombisayo uma usuzela ushayela, traction control system, vehicle dynamic control, hill hold control, hill descent control, roll over mitigation, reverse camera, amasensor, brake dDisc wiping, electronic brake prefill, E-call, SOS Switch ne-ISOFIX.
Idonsa ngawo wonke amasondo futhi iyi-4XPLOR okuyigama leMahindra N, elimele ukuthi iyi-4X4.
Inezinhlobo ezimbili zenjini okuyiTurbo-petrol enamandla angu-147kW, neTorque engu-380 Nm bese kuba ekadizili enamandla angu-136kW, neTorque engu-450 Nm. Izoqala ukutholakala ngoJulyi 30 emagaraji yonke indawo.
Ezinye izinto enazo yizipikha ezingu-12, android auto, Apple CarPlay, isihlalo somshayeli esikwazi ukushintsha izindlela eziyisithupha neRemote engine start. Ubude ingu-4,662 mm, ibe ngu-1,917 mm ukuvuleka bese iba ngu-1,857 mm ukuphakama. IneScreen esikhulu se-Infotaiment nesiteringi esincane kahle okwazi ukudlala nomsakazo kusona noma uphendule ucingo. Kukhona enezihlalo zendwangu nezesikhumba. Indlela abayethembe ngayo kwaMahindra le moto baze bayibize ngo-BigDaddyofSUV.
Ngaphambili ishintshe indlela okubukeka ngayo amalambu ayo, igrille namafog lamps. Iphinde ibe nebhonethi ende namathayi angu-18-inch futhi uyakwazi ukukhuluma nayo. Okwamanje ayikaphumi intengo ezosetshenziswa eNingizimu Afrika, kodwa uma ushintsha intengo yamarupee yase-India, ikhomba ukuthi ingalinganiselwa kuR246 000.