KUNGENZEKA ukuthi iKia Seltos ifike izimbangi sezivele zinesikhashana zikhona kulesi sigaba samaSUV amancane kodwa akungabazeki ukuthi ukuba khona kwayo kuwususile umsindo.
Le moto itheleke eNingizimu Afrika ngoNovemba futhi abantu bayamukela kahle kwazise ngoDisemba kuthengwe ezingu-510.
Le SUV encane ingena ngaphansi kweKia Sportage yona ethe ukuba nkudlwana okuyimoto le nkampani ebisidinga uma ubheka ukuthi ezinye izinkampani sezingenisile kulesi sigaba esikhula mihla namalanga.
ISeltos ubude bayo bungu-4 315mm, u-1 800mm ububanzi bese kuthi ukuphakama kube ngu-1 620mm. Lokhu kuyenza ivuleke kahle uma usungaphakathi.
Kodwa ngaphambi kokuthi singene ngaphakathi, ake siyibheke ngaphandle. Indlela abayenze ngayo bayenze yabukeka nge tiger nose grille yayo enkulu ngaphambili. InamaLED Daytime Running Lights ngaphambili kuthi ngezansi ibe nama-fog lamps. Amarimu ayo angu-17 inch futhi ifika nesondo eliyisipele elikhulu.
Ngaphakathi nakhona iyakhanga indlela abayenze ngayo. Ngaphambili alukho uxhaxha lwamabhathini okuyenza ibukeke kahle. Kukhona i-8 inch touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Android Auto okanye i-Apple CarPlay. Kunezimbobo ezimbili zokushaja iselula nge-USB, eyodwa ngaphambili nenye ngemuva. Uyakwazi futhi ukuxhuma iselula nge-bluetooth bese udlala umculo. Engingakuthandi kodwa wukuthi izipikha azizwakali kahle ngemuva.
Esiteringini esiqoshwe uSeltos kukhona amabhathini okulawula umsakazo, cruise control, nokushintsha okuvela kwi-instrument cluster.
Izihlalo ziyisikhumba futhi abagibeli abahlanu bahlala kahle, isikhala sanele. Ngaphambili phakathi nendawo kukhona indawo yokuphumuza ingalo futhi nangemuva ikhona uma abagibeli bezoba babili.
Ebhuthini isikhala sikhona sempahla kodwa bengikuthola kunzima ukuyivala ngoba kumele uyishaye mawala. Uma ingavalekile kahle iyakutshela kwi-instrument cluster.
I-Seltos ihamba ngenjini engu-1.6 litre 4-cylinder kaphethroli engenayo i-turbo. Inamandla angu-90kW ne-torque engu-151Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-6 speed automatic.
Uma uyinyathela kancane ihamba kahle edolobheni futhi amagiya ashintsheka kahle. Inkinga ibiba khona uma ususemgwaqweni ovulekile ilokhu ishintshashintsha amagiya ibheka ezohamba ngalo nangesikhathi futhi uthi ufaka amafutha mbijana ibange umsindo. Bengize ngizishintshele mina amagiya ngoba uyakwazi ukwenza lokho uma uthanda. Ngokuhamba kwesikhathi kodwa iyajwayeleka ugcine usuyazi indlela okumele uyinyathele ngayo ukuze niphathane kahle.
Ngo-100km ibidla amalitha kaphethroli angu-8.8 litres futhi uma ithangi layo ligcwele, uhamba cishe amakhilomitha angu-600.
Bathi iyeza maduze ekadizili.
Ngakwezokuphepha, le moto ifika nama-airbag ayisithupha, amabhreki e-ABS, Electronic Brake Force Distribution, ama-sensor asiza uma upaka ngemuva nekhamera, Electronic Stability Control neHill-start Assist Control.
Inani
KIA Seltos 1.6 EX+ Automatic R389,995
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu ne-roadside assistance.