IMOTO: HYUNDAI TUCSON
EMNDENINI wamaSport Utility Vehicle (SUV) akwaHyundai okuyiyona edayisa kakhulu kunawo wonke yiTucson.
ITucson ingezansi kweSanta Fe. Kukhona iVenue, Creta, Kona, Tucson, Santa Fe bese kuvala iPalisade.
Kusuka yaqala ukudayisa ngo-2004 iTucson sekudayise angaphezu kuka-7 million emhlabeni jikelele.
Entsha ngeyesizukulwane sesine futhi eyesibili yayibizwa nge-ix35 ngaphambi kokuthi kubuyelwe egameni layo.
Kwabathanda ijubane ayikho iTucson N kepha ngokuqhubeka konyaka kuzoza iN-line. Eyiveni iSanta Cruz ethandwa ngu @cobhozaR kuTwitter ngeke ize itheleke kuleli njengoba ishayelwa ngakwesokunxele kuphela.
ITucson entsha inkulu futhi ivulekile kunendala. Yinto oyibona ngaphakathi ungaze uzitshele ukuthi ilayisha abagibeli abayisikhombisa. Ngemuva isikhala sabagibeli sanele futhi ebhuthini singu-539l kuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-1 860l.
Kuya ngenhlobo yakho kepha kukhona enezihlalo zesikhumba, ne-panoramic sunroof okhakhayini, izihlalo ezibandayo ziphinde zishise, automatic climate control neMulti-air mode eyenza ukuthi umoya we-aircon ungezi ngqo kubagibeli kepha uphume kahle futhi kushise noma kubande.
Zonke zine-screen esingu-8 inch se-infotainment system okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo. Ikwazi ukushaja iselula ngaphandle kwentambo kodwa zikhona izindawo zokushaja nge-USB ngaphambili nangemuva. Ine-digital cluster engu-10.25 inch.
Zinamarimu aqala ku-17 kuya ku-19 inch, amaLED daytime running lights asondelene ne-grille nayenza igqame uma iduma futhi nemibala ehlukene kasikhombisa.
Izinjini zihlukene kabili okungekaphethroli engenayo i-turbo nekadizili ene-turbo.
Ekaphethroli ingu-2 litre onamandla angu-115kW ne-torque engu-192Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-6 speed ozishintshayo.
Ekadizili nayo ingu-2 litre futhi inamandla angu137kW ne-torque engu-416Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo.
Ekadizili yiyo engithole ithuba lokuyishayela. Iyonga kudizili njengoba ngo-100km bathi idla amalitha angu-7.9.
Emgwaqweni ihamba kahle, i-torque iyithumela ngokushesha emasondweni, intofontofo futhi ithule ngaphakathi.
Ezokuphepha zihlanganisa ukuthi isho uma kunemoto eseceleni, iyasho uma kunento ozoyishayisa uma uhlehla, iyabhreka uma ibona sengathi uzoshayisa, iyazijikisa isiteringi ukuhlala emzileni, ine-smart cruise control eyenza ukhethe ijubane bese ihamba ngalo inciphise uma kunemoto eduze, iyasho uma umshayeli esekhathele nokunye.
Intengo:
Premium – R519 900
Executive – R569 900
Elite – R634 900
Elite turbodiesel – R699 900
Zonke zifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.