BAZISHAYA isifuba kwa-Isuzu ngeveni yabo iD-Max 1.9 Ddi ekwaze ukuhamba isuka eGoli ngethangi elilodwa yaze yafika eKapa iphuza udizili omncane.
ID-Max 1.9 Ddi Double Cab 4x2 eshintshwayo, ibishayelwa wuGrant McCleery oyinhloko ye-Isuzu Driving Academy.
Uhambe ibanga elingu-1 431km ngesivinini esilinganiselwa ku-100km/h. Imoto yakhe isebenzise amalitha angu-73.82 okusho ukuthi ibidla 5.1l/100km noma u-19.39km/litre.
Ngesikhathi kwenziwa ucwaningo olufanayo ngo-2021, iD-MAx 2.5 Single Cab endala eyayishayelwa yasebenzisa amalitha angu-102.31 ukuhamba u-1 454km. Lokhu kusho ukuthi yayidla 7.02l/100km noma u-14.2km/litre.
I-1.9 Ddi Double Cab obekuhanjwa ngayo inenjini engu-1.9 litre four-cylinder turbodiesel. Inamandla angu-110kW ne-torque engu-350Nm. Igearbox iyi six-speed manual.
UKevin Fouché oyisikhulu seProduct Planning and Programme Management e-Isuzu Motors South Africa, uthe amakhasimende abo ayazethemba izimoto zabo ngokonga kudizili nokungabizi ukuzinakekela zibe zithembekile.
ID-Max, ongeyesikhombisa ikhona, ihlukene ngezinhlobo ezingu-24.