INKAMPANI yezimoto, iStellantis, isayine isivumelwano sokusebenzisana ne-Industrial Development Corporation (IDC) noMnyango wezoHwebo neziMboni ukwakha ifemu lokukhiqiza kuleli.
Isivumelwano sisayinwe ehhovisi likangqongqoshe womnyango u-Ebrahim Patel kukhona izikhulu ezahlukene zeStellantis Middle East and Africa uSamir Cherfan noLeslie Ramsoomar oyisikhulu sakwaStellantis South Africa.
“Ngiyajabula ngokuthi iStellantis ibheke eNingizimu Afrika ukwandisa imikhiqizo yayo,” kusho uPatel.
“Lena yinkampani enkulu enezimoto ezaziwayo. INingizimu Afrika yindawo ekahle yokutshala imali futhi ekwaziyo ukwakha izimoto. Sikubheke ngabomvu ukusebenza neStellantis ukuze ikwazi ukwakha ifemu ezodala imisebenzi.”
UCherfan uthe indawo entsha yokukhiqiza iyingxenye yeqhinga nezinhlelo zabo zokudayisa izimoto ezingu-1 million kulesi sifunda ngo-2030.
Ifemu kubhekwe ukuthi ibe seSouth African Special Economic Zone futhi iphele ukwakhiwa ngo-2025.
IStellantis iphethe izinkampani okubalwa kuzo iJeep, Fiat, Alfa Romeo, Peugeot, Citroen, Opel nezinye.