KUYAPHELA ngeveni iNissan NP300 Hardbody, ngasekupheleni konyaka kanti isikhala sayo sizovalwa ngezinye izinhlobo zeNavara.
Izikhulu zakwaNissan South Africa, ziqinisekisile ukuthi iNavara entsha izoqala ukudayisa ngoJulayi nonyaka.
Nyakenye le nkampani yatshala uR3 billion efemini yayo eseRosslyn, ePitoli, ukuze kwakhiwe iNavara entsha, endaweni yeNP300.
Kuzothi ngoNovemba kuphele ngeNP300, bese isikhala sayo sivalwa ngezinye izinhlobo zeNavara okukhona kuzo neyi Single cab. INP200 yona isazoqhubeka nokudayiswa.
Yize ingakaveli imininingwane eminingi ngeNavara kodwa abakwaNissan bathi, izofika nenqwaba yobuchwepheshe besimanje. Kuhlanganisa izinto eziningi ezimayelana nezokuphepha, ezokusiza umshayeli uma epaka imoto, ezokugwema ukushayisana nezinye izimoto, ezokusiza umshayeli akwazi ukuhlela kahle isihlalo nokunye okuningi.