IMOTO: AUDI e-tron S Sportback
NGEMUVA kwesikhathi kwa-Audi eNingizimu Afrika bethembisa ukwethula izimoto ezihamba ngogesi, kuthe ngoFebhuwari bethula eziyisithupha kanye kanye ezibizwa ngama e-tron.
Enye yazo yi e-tron S Sportback. Iyabukeka futhi uma unganakile ungayiphambanisa nezinye zakwabo ezihamba ngophethroli okanye udizili. Ihamba ngamasondo anamarimu amakhulu angu-22 inch.
Ikhanyisa ngamalambu angamaLED. Ngaphambili angamaDigital Matrix LED owengeza uma uthanda futhi enza ukuhamba ebusuku kungabi wumzukuzuku ngoba akhanyisa bha. Uma usuzohamba noma uyicisha, avele abhale phansi lapho ekhanyise khona ukuthi e-tron nophawu lwakwa-Audi.
Ngaphakathi inkulu ivulekile futhi ikhanya kahle ngoba ine-sunroof enkulu okhakhayini. Ukuba nokhakhayi oluyisibaca akwenzi abagibeli bampintsheke ngemuva, ikakhulukazi nasekhanda ngoba isikhala sikhona. Nasebhuthini sikhulu isikhala singu-615 litres okuthi uma ulalise izihlalo zangemuva sibe ngu-1 665 litres.
Ngaphambili yi-Audi oyejwayele nje akukho okuhlukile kunezinye zakwabo. Izihlalo zangaphambili zihlelwa ngogesi futhi ziyafudumala. Akunamabhathini ngoba konke ukulawula kwiMMI navigation plus eveza ingaphandle uma upaka, inkombandlela, iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay, udlala umsakazo (ezipikheni zeBang & Olufsen) futhi ubona imininingwane ngemoto.
Ngezansi kwale touchscreen kunesinye i-screen esincane lapho uhlela khona amazinga okushisa emotweni futhi ubhala khona nendawo oya kuyo uma usebenzisa inkombandlela.
Ngemuva kwesiteringi kune-virtual cockpit oyishintshayo ukuthi ivezeni njengenkombandlela nokunye. Ebusuku iveza ingaphandle ikuxwayise futhi uma kunohamba ngezinyawo emgwaqweni okungenzeka ukuthi awumboni.
Okwenza i e-tron yehluke kwezinye wukuthi ihamba ngebhethri elingu-95kWh ayiwufaki nhlobo uphethroli noma udizili. Uyakwazi ukuyishaja kwakho ebusuku ngogesi ojwayelekile. Uma uyithenga kwa-Audi bathumela ozokufakela ishaja yayo kaR5 000 eyenza ukuthi uyishaje igcwale ngamahora alinganiselwa ku-13.
Zikhona nezindawo zokushaja emphakathini njengoba i-Audi ibambisene nabakwaGridCars, okwenzayo ungena kwi-website yakhona bese ubheka ishaja eseduze.
Ibanga elikhulu eke yaveza ukuthi ngingalihamba igcwele mfi kube wu-320km.
Inamandla angu-320kW ne-torque engu-808Nm. Amandla anyukela ku-370kW ne-torque engu-973Nm uma uyifake ku-S egiyeni.
Isuka ku-0 ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.5 kanti ijubane elikhulu limiswe ku-210km/h.
Kuba wukubeka nje unyawo kwi-accelerator iphendule ngokunyusa ijubane. Injalo nje akushintshwa giya iyashushuluza buthule ngoba ayidumi.Ama-pedal shifters emuva kwesiteringi ubuye uwasebenzisele ukubhreka nokubuyisa umlilo kwibhethri.
Kuya ngendlela onyathela ngayo ukuthi idla kanjani ibhethri futhi ngibone nokuthi ukuvula i-aircon kuyayidla ibhethri.
Amandla iwathumela kuwo womane amasondo nengoba iyi-quattro futhi intofontofo kwazise ine-adaptive air suspension.
Inhle i e-tron S Sportback kodwa ukuhamba kwayo ibanga elincane futhi ibe nentengo ephezulu kunezinye yikho engibona kuzoyenzela phansi. Bheka ngoba iJaguar i-Pace Black bathi ihamba ibanga elifinyelela ku-446km kanti iBMW iX ifika ku-630km uma igcwele.
Intengo:
R2 425 000
Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100km newarranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km.