ALINGANISELWA ku-1.5 kuya ku-2 million, amathayia angamasekeni adayiswa eNingizimu Afrika. Kanti aphakathi kuka-750 000 kuya ku-900 000, noma u-63% awo awakulungele ukuba semgwaqweni.
Isikhulu senkampani yakwaSumitomo Rubber South Africa (SRSA) esabalalisa amathayi akwaDunlop, Sumitomo neFalken, uLubin Ozoux, sithe amasekeni anomthelela omubi embonini yamathayi ngokwemali nangokwethembeka.
“Amathayi alahliwe anobungozi kwezemvelo ngenxa yokwanda kwawo nangokubola kwawo kancane. Aholela ekutheni kube nokugcola nobungozi kwezempilo uma egcwala lapho elahlwa khona noma engalahlwa kahle. ENingizimu Afrika amathayi alahliwe asetshenziswa kabi emibhikishweni,” kusho u-Ozoux.
“Njengenkampani ekhiqiza amathayi futhi eyilungu leSouth African Tyre Manufactures Conference (SATMC), sinomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi uyaphela umkhuba wokudayisa amathayi angamasekeni angaphephile futhi angawufanele umsebenzi emakhasimendeni angafundisiwe. Kumele kube nemithetho eqinile kubo bonke abadayisa amathayi, wokuthi uma engamasekeni kufanele amakwe kahle bese elandwa ezitolo zabo eyolahlwa, angaphinde ebonakale, esedayisa.”
Umnikazi we-Orion Auto & Tyre, uShaun Radbone uthe akucaci ukuthi lukhona yini uhlelo oluqondile lokubhekana nengwadla kwezemvelo. Uthe kubalulekile nokuveza ubungozi obuhambisana namathayi angamasekeni.
“Uma umuntu efuna ukuthenga ithayi eliyisekeni, kumele azibuze ukuthi kungani liyisekeni. Ngokujwayelekile yingoba umnikazi wokuqala usuke enenkinga nalo nokuyingakho elishintshile,” kuchaza uRadbone.
Uqhube wathi uma amakhasimende efundiseke kahle ngokuthengwa kwamathayi angamasekeni, uzokwehla umkhuba omubi futhi kwande nokuphepha emgwaqweni.