IMOTO: JEEP GLADIATOR
IJEEP seyengeze iveni iGladiator ohlwini lwezimoto ezidayisa eNingizimu Afrika.
Lesi siqwalantaba sehluke kakhulu kunamaveni akhona emakethe yakuleli njengoba siphinde sivuleke nokhakhayi newindscreen futhi siphume nezicabha wena owabona iWrangler yakwabo.
IGladiator ifika nenjini eyodwa engu-3.6 litre V6 kaphethroli enamandla angu-209kW ne-torque engu-347Nm. Le njini, engenayo i-turbo, isebenzisa u-gearbox oyi-8 speed ozishintshayo.
Inethangi elingu-83 litres kanti ngo-100km bathi idla amalitha angu-12.4.
Ngithole ithuba lokushayela enokhakhayi oluyindwangu okulula ukuluvula ngisho uwedwa. Inomsindo womoya emgwaqweni ovulekile. Intofontofo nokho nokusizwa wukuthi inama-shock absobers akwaFox.
Amandla ayo awagcini ngokuyihambisa emgwaqweni kuphela kodwa nasobhuqwini iwubukhosi.
Lokhu kungenxa yokuthi igabade ilishiye ngo-249mm nokwenza ikwazi ukuhamba emanzini afinyelela ku-800mm.
Aphinde ayenze ikwazi ukuthwala isisindo esingu-693kg futhi esikhenkeni kukhona irabha eyenza ukuthi ingaklwebheki Idonsa nesisindo esifinyelela ku-2 721kg.
Inegiya lokudonsa ngawo womane amasondo kanjalo ne-diff lock ngaphambili nangemuva.
Ezokuphepha zihlanganisa ukuthi ibike uma kunemoto eseceleni, isho uma kukhona odlula ngemuva uma uhlehla inamakhamera agqame kahle aveza ingemuva. Bekungaba kuhle ukube inekhamera eveza umzimba wonke engasiza ikakhulu uma uhamba ogwadule. Iphinde ibe ne-adaptive cruise control ne-electronic stability control.
IGladiator ifika nemibala enhlobonhlobo eyisishiyagalolunye abathengi abakhetha kuyo. Inamalambu eLED ngaphambili nangemuva namasondo anamarimu angu-17 nesipele ngaphansi.
NjengakwiWrangler, ukhakhayi uthola oluqinile okanye oluyindwangu.
Ngaphakathi inezihlalo eziyisikhumba ezilayisha abagibeli abahlanu. Ngemuva abagibeli banesikhala esikhulu njengoba iyinde. Izihlalo zangemuva uyakwazi ukuzilalisa ukuze ube nesikhala sokulayisha namakhosomba okufaka impahla uphinde ukhiye.
Ngaphambili ine-instrument cluster engu-7 inch ekuvezela imininingwane ehlukene yemoto, amabhathini esiteringini ne-touchscreen infotainment system engu-8.4 inch.
Kwi-touchscreen kuvela inkombandlela futhi uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Inama-USB port amathathu ngaphambili nangemuva.
Isikhulu sakwaStellantis South Africa, uLeslie Ramsoomar, sithe okwamanje basalethe angu-100 futhi asethengwe wonke kodwa esinye isitokwe siza ngo-Agasti.
Intengo:
R 1 259 900
Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emithathu noma u-100 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.