IMOTO: VOLKSWAGEN TAIGO
UJOYINWE yilungu elisha umndeni wamaSport Utility Vehicle (SUV) akwaVolkswagen kutheleka iTaigo.
ITaigo yiSUV yesithupha yale nkampani eMzansi futhi ingena phakathi kweT-Cross encane neT-Roc.
ITaigo yiSUV ezishaya sa-coupé njengeT-Roc, okulindeleke ukuthi kuze ethuthukisiwe nonyaka.
Ama-coupe ayaziwa ngokuncisha abagibeli bangemuva isikhala nesempahla kodwa kule sikhona futhi ibhuthi ingu-440 litres. Lokhu kungenxa yokuthi yinde kuneT-Cross futhi igabade ilishiye ngo-137mm okwenza umshayeli awubone kahle umgwaqo phambili.
Inemibala eyisishiyigalombili abathengi abakhetha kuyo futhi kukhona nefika nokhakhayi olumnyama.
ITaigo ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiLife, Style neR-Line.
Ifika nezinto eziningi njengoba zonke zinamalambu eLED kuthi kwiStyle neR-Line kube ngama-IQ.LIGHT LED matrix headlights.
Zinamarimu aphakathi kuka-16 no-18 inch anhlobonhlobo.
ILife inedigital cockpit, infotainment system engu-6.5 inch, amarimu angu-16 inch, izibuko ezivalwa ngogesi nokunye.
IStyle inechrome kubhampa ngemuva nakwidiffuser, inamaroof rails anombala wethusi, amarimu angu-17 inch, amasensor ngemuva nangaphambili, digital cockpit engu-10.25 inch ne-infotainment system engu-8 inch.
IR-Line inamapedals ayistainless steel, amawindi adimile ngemuva, Active Info Display namarimu angu-17 inch.
Zonke zinenjini eyodwa engu-1.0 TSI enamandla angu-85kW netorque engu-200Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-7-speed DSG kanti bathi idla amalitha angu-5.4 ngo-100km. Ungabona ngathi la mandla mancane kodwa siyivivinya abezwakala enele. Ngaphakathi ithule kahle futhi emigwaqeni engathi inamabhampu ayizweli kakhulu.
Empeleni indlela ehamba ngayo ungaze ucishe uyifanise njengezinye zakwabo njengePolo neT-Cross.
Ngaphakathi uma ujwayele izimoto zakwaVW ngeke uyexwaye. Ine-aircon nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB.
Uyakwazi ukwengeza ezokuphepha njenge-adaptive cruise control, Lane Assist, Park Assist, ne-Autonomous Emergency Braking Front Assist.
Okunye ongakufaka yipanoramic sunroof, okuyinto engekho kwiT-Cross, izihlalo ezifudumalayo ngaphambili, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, inkombandlela, towbar, amarimu angu-18 inch, Black Styling Package nezipikha zeBeats.
Intengo:
Taigo Life 1.0 TSI 85kW DSG® R429 900
Taigo Style 1.0 TSI 85kW DSG® R464 100
Taigo R-Line 1.0 TSI 85kW DSG® R486 000
Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.