IMOTO: CITROEN C5 AIRCROSS
UMBANGO wabathengi bezimoto ushube ngendlela yokuthi akukho ukuphumula ezinkampanini, kumele zihlale ziqhamuka nezindlela zokuheha abathengi.
Enye yezindlela zokudoba abantu wukuyithuthukisa imoto, ukuze kulungiswe amaphutha okungenzeka ukuthi abe khona phambilini, ukwengeza okusha noma ukuyenza ibe yintsha.
ICitroen C5 Aircross ingenye yezimoto ezithuthukisiwe ngemuva kokwethulwa ngo-2018.
Ithuthukiswa nje, azizibekile phansi izimbangi zayo njengeHaval H6, VW Tiguan, Kia Sportage, Toyota Rav4, Hyundai Tucson nezinye.
I-C5 Aircross, engingajwayele nhlobo ukuyibona emgwaqweni, ishintshwe indlela ebukeka ngayo kodwa injini bangayishintsha.
Inenjini engu-1.6 litre kaphethroli ene-turbo. Inamandla angu-121kW ne-torque engu-240Nm. Bathi idla amalitha kaphethroli angu-7.9 ngo-100km ethangini elingu-53 litres. Kimi ibidla amalitha angu-9.6/100km futhi ithangi elintanta isele lingihambise ibanga elingaphansi kancane kuka-500km.
Engikuthandayo ngayo wukuthi intofontofo ngisho izihlalo zayo.
Inezinsiza zomshayeli, i-adaptive cruise control futhi iyasho uma usuphuma emzileni noma uzoshayisa ngaphambili.
Noma usuyifaka obhuqwini kuhambeka kalula ngoba igabade ilishiye ngo-230mm okuyinto engaphezu kweRav4 yona elishiye ngo-195mm kuya ku-200mm.
Lokhu kwenza ukuthi umgwaqo uwubone kahle futhi ungethuki ngokushaya phansi.
Uma sibuyela kokushintshile ngaphandle, kubalwa ingaphambili layo.
Amalambu ngaphambili nangemuva angamaLED. Kukhona nakhanya emaceleni ukuze ubone kahle uma uzongena kuyo ebumnyameni.
Amasondo anamarimu angu-18-inch, ebhuthini kube nesipele esingu-17 inch.
Ngaphakathi izihlalo ebengizincoma ziyisikhumba. Esomshayeli sihlelwa ngogesi. Ezangemuva uyakwazi ukuzihlela ngasinye ukuthi uyayisondeza noma usihlehlise. Ngizizwe zinokuthothana kancane, amadolo eshaya esihlalweni sangaphambili ebengihleli kuso. Iwheelbase ingu-2 730mm.
Ibhuthi, evuleka nangogesi, isikhala wudedangendlale njengoba ingu-720 litres okuthi uma ulalisa izihlalo ibe ngu-1 630 litres.
Ngaphambili bayifake i-touchscreen infotainment system engu-10 inch eveza inkombandlela, ingemuva uma uhlehla nokunye. Inkombandlela iphinde ivele nakwi-digital instrument cluster.
Okunye okumnandi yi-centre console enendawo enesikhala esikhulu sokubeka izinto ngaphansi kwendawo yokuphumuza ingalo futhi inezindawo ezimbili zokushaja ngaphambili.
Intengo:
1.6 Shine 121 kW – R683 900
Ifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km neRoadside Assistance.