OWESIFAZANE ovume icala lokusoconga umyeni wakhe uveze ukuthi uke wazama nokusoconga omunye wabaphenyi becala.
UNkk Nongcebo Faith Ntombela uveze lokhu ngoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yase-Scottburgh lapho ebegeqa khona amagula ngetulo lokusoconga umyeni wakhe owayesebenzela uMkhandlu weTheku, uCaptain Zwelakhe Ntombela.
UNtombela wadutshulwa ngabantu abangaziwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela, iSiphingo Medical Towers, okuyilapho okwafike kwamenela khona.
UNkk Ntombela uwavume wonke amacala abekwe wona mayelana nokufa komyeni wakhe.
Ube esevuma nokuthi uke wazama ukubulala umseshi wecala, uWarrant Officer Sibusiso Ntshangase, kodwa behluleka. Akabange esachaza ukuthi wazama kanjani ukumsoconga umseshi nokuthi kwavimbani.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kwenziwa isicelo sebheyili phambilini uNtshangase wanekela inkantolo lonke itulo likaNkk Ntombela lokubulala umyeni.
Wayezama ukuvezela inkantolo izizathu zokuthi kungani kungamele ayithole ibheyili. Nguyena futhi uNtshangase owaveza okokuqala udaba lokujola kukaNkk Ntombela nenkabi, uKhulani Cele.
Ngaleso sikhathi icala lalisaqhubeka eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, uNkk Ntombela esaliphika. UNtshangase uthe akukho azimisele ukuthi angakuphawula ngokugonyuluka kukaNkk Ntombela ngokuthi wazama ukumsoconga.