Cape Town City (0) 1
Kaizer Chiefs (0) 0
ICape Town City ibuyise indumalo kubalandeli beKaizer Chiefs iyehlula emdlalweni weBetway Premiership eCape Town Stadium, eKapa, ngeSonto ebusuku.
Igoli eliweze i-The Citizens lishaywe nguDarwin Gonzalez esiwombeni sesibili.
Lona bekuwumdlalo wokuqala womqeqeshi weCity, uMuhsin Ertugral, owawinisa Amakhosi izindebe eziningi eminyakeni edlule. Lo mqeqeshi ungene endaweni ka-Eric Tinkler okhonjwe indlela ngesonto eledlule. Ukwehlulwa kweChiefs kusho ukubuya kosizi kubalandeli bayo kwazise ivale unyaka odlule ishayela phezulu kulandela ukwehlula iChippa United eThekwini. Amakhosi asawine kanye emidlalweni yeligi eyisihlanu yakamuva. U-Ertugral wehlula iChiefs nje, ubehlala ekhuluma ngezinkinga ezibhekene naleli qembu futhi ezwakala enezixazululo ngaphambi kokuqashwa yiCity. Kungenzeka ukuthi usebenzise lokho ukuze athole amaphuzu agcwele kuleli qembu angakufihlanga ukuthi kumlethela umunyu ukubhekana nalo.
Enkundleni akuzange kuphele isikhathi esingakanani kwacaca ukuthi womabili amaqembu ahlele ukujahana okufakazelwa wukuthi imizuzu yokuqala emihlanu ithe iyophela bobabili onozinti bese bengcolile.
Maphakathi nekundla bekungancengwana obekwenza abalandeli bawuthokozele umdlalo cishe sonke isiwombe sokuqala.
Bekuba sengathi iChiefs izolithola njalo igoli uma ifika ezintini zikaDarren Keet kodwa neqembu lasekhaya bekuba nomuzwa ofanayo ngaso sonke isikhathi uma liya ngakuBruce Bvuma obevimbele Amakhosi.
Ukusheshe athole ikhadi eliphuzi kukaTsegofatso Nyama bekwenza iChiefs ithande ukungena ngasophondweni lwakhe lakwesokunxele ngenhloso yokumtholisa ebelizobadlalisa beshoda.
Nakuba bezithathana kodwa awekho amathuba athusayo abonakale emizuzwini yokuqala engu-45 ngaphandle kwaweChiefs yize ibikhombisa izimpawu zokungakwazi okufanele ikwenze uma isingene ebhokisini lamaCitizens.
Isiwombe sesibili sivulwe ngegoli likaGonzalez ngomzuzu ka-51 lapho eshaye khona igoli elivele kade kuyiChiefs ehlaselayo.
Nakuba leli goli likhombise izimpawu zokuyivusa emaqandeni iChiefs kodwa izitobha zeqembu lasekhaya bezilokhu zime njalo phambi kukaKeet.
Ngokubona ukuthi isikhathi siyahamba, bobabili abaqeqeshi, u-Ertugral noNasreddine Nabi, benze izinguquko eziningi ezahlukene.
Yize bekusobala ukuthi izinguquko zeChiefs ziyiphaphamisile kodwa ubungozi bejubane lamaCitizens bebulokhu buhleli obala kwaze kwaba umdlalo uyaphela.