ABESIFAZANE bahamba bodwa uma kuziwa ekuzenziseni ocansini. Yibona abangongqondongqondo ekwenzeni sengathi bayaluthokozela ucansi kanti cha.
Lokhu basuke bekwenzela ukujabulisa abesilisa ukuze owesilisa angazizwa sengathi ayikho lento ayenzayo embhedeni. Owesifazane uyakwazi ukuzikhalisa nokwenza sengathi uchamile ekubeni engachamanga.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi akusibo bonke abesilisa abashaya into ecokeme embhedeni. Abanye bazishayela udaka kodwa owesifazane ohlakaniphile uyakwazi ukwenza sengathi uthokozile ukuze owesilisa angalahlekelwa ukuzethemba.
Nazi izinto ezenziwa owesifazane ezikhombisa ukuthi ujabulile ocansini kumnandi yize engazwanga noma engezwa lutho.
1.Ukuzikhalisa sakutswininiza noma sakububula sengathi kumnandi kakhulu, wena uzocabanga ukuthi ukhala nje yingoba umenza kamnandi
2. Ukubamba umchamo ebese ewudedela yikhona kuzobe sengathi wena uyingqwele ekwazi ukumenzisa lokhu esikubiza nge" squirting" okuchaza ukuchama uketshezi olusamchamo uma umuntu wakho umnembe kahle
3.Ukuphefumulela phezulu ngesikhathi usamuwotawota, lokho kwenza ukuthi wena ucabange ukuthi umuwotawota kamnandi.
4. Ukuqhwisha umlenze adlikize sengathi useyachama kanti cha akafikanga nhlobo kuvuthondaba kodwa wenzela wena.
Konke lokhu abesifazane bakwenza ngenhloso yokungalahlisi ithemba nokungehlisi ukuzethemba kowesilisa. Awucabange nje, uma owesifazane engakutshela ukuthi awumthinti noma awumuwotawoti kamnandi okanye akutshele ukuthi awumfikisanga kuvuthondaba? Ungaphatheka kanjani?
Ungaba nokuzenyeza impilo yakho yonke. Omunye usuke ekwenza lokhu ngoba ekuthanda engafuni uphatheke kabi, kanti omunye usuke ekwenza lokhu ngoba efuna ukuzuza okuthile okungaba yimali.
Yingakho kubalulekile ukuthi uma ungowesilisa ungahambe uchoma ngokuthi wena ungumshayi wesinqe ngoba awazi mhlawumbe usuke wenzelwa umusa ukuze ungaphoxeki.
Yebo, siyavuma bakhona abesilisa abakwaziyo ukuqondanisa kodwa bakhona abashaya eceleni kepha asifuni ukubehlisa isithunzi. Muhloniphe umuntu wesifazane okuthandayo ngoba nguyena owazi amahlazo akho futhi uma engawadedela ungaphelelwa ukuzethemba impilo yakho yonke.