OMUNYE wabaqeqeshi baMaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwane, usale engenelisekile ngesenzo sabadlali bakhe ngesikhathi leli qembu licazelana ngamaphuzu neLamontville Golden Arrows kwiBetway Premiership ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kulo mdlalo wabakhaya obekungokokuqala ukuthi uphele lingekho igoli eminyakeni engaphezulu kwengu-10, Usuthu ludlalise okweqembu lasekhaya kodwa kuze kwasongwa lungazange luyibhakuzise inethi.
Maningi amathuba atholwe AmaZulu kulo mdlalo ewela kubadlali okubalwa u-Etiosa Ighodaro, uMlondi Mbanjwa noTsepang Moremi kodwa wonke agcine ngokushaya ipali abuyele enkundleni noma aphelele ezandleni zika-Ismail Watenga, obevimbele i-Arrows.
Kucace zisuka ngakho kodwa eMabhida ukuthi AmaZulu asethubeni lokuzifaka kwi-Top 8 ngewini kwazise iwona awuqale njengomlilo wequbula umdlalo.
Emuva komdlalo, uZwane ukhale ngomkhuba wabadlali bakhe awuchaze njengobe nomthelela ekutheni bangawaqoqi amaphuzu agcwela kowabakhaya.
“Ngiphoxekile ukuthi asizange siwuthole umphumela oncomekayo kulo mdlalo kodwa akumina ngedwa ozizwa kanjalo kepha iqembu lonke lidumele ngalo mphumela,” kusho uZwane.
“Konke ebesikuhlelele lo mdlalo kwenzeke ngendlela kodwa kwaba yilawo maphutha agcina eholela ekutheni sithole umphumela ongayifanele indlela esidlale ngayo.
“Njengabaqeqeshi siyaqonda ukuthi abadlali bangabantu ngakho-ke amaphutha yinto esihlale siyilindele emidlalweni. Ibhadi esibenalo kulo mdlalo ukuthi zonke izinto ebesizihlelile zivele zabukeka zilula ngokushesha.
“Ngeke ngiqambe amanga ngokuphoxeka enginakho. Ukubukeka sengathi izinto zilula ngasekuqaleni komdlalo kwenze abadlali bami banethezeka ngoba bezitshela ukuthi konke kuzozenzekela kalula.
“Awumuhle lo mkhuba ngoba isikhathi esiningi uholela ekutheni sithole imiphumela efuze lo esiwuthole kwi-Arrows ekubeni kade siwuphethe wonke umdlalo namathuba amahle wonke ewele kithina.
“Ngeke ngicashe ngesimo sezulu ngoba womabili amaqembu abedlala enkundleni eyodwa. Sakhe amathuba anele kodwa besingenayo indluzula ebidingeka.
“Wonke amathuba e-Arrows abedalwa amaphutha ethu okuyinto ephoxayo. Kunamahlandla amabili lapho sisinde khona emlonyeni wengwenya kodwa iqiniso wukuthi ukuqala kahle kwenze sabona sengathi sesiwinile.
“Simelwe wukubhukula silungise leli phutha ngomdlalo wasekhaya olandelayo neSekhukhune (United),” kusho uZwane.
OwoSuthu neSekhukhune ungoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.