UGQEMEKE udume lwengozi umculi we-Afro house, uRethabile Khumalo, ngokudlula emhlabeni kukanina , uWinnie Khumalo.
Okhulumele umndeni futhi obesondelene kakhulu nomufi, uSabelo "Ntombeningi" Sithole, uthe uWinnie (51) udlule emhlabeni ephuthunyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath eSoweto ngezithuba zawo-2 ntambama.
URethabile noWinnie bekungamathe nolimi futhi besebenzisana nasemculweni njengoba uRethabile ubesengaphansi kwenkampani kanina, iWinkay Music. Njengoba bekufanele kube uRethabile ophendula abezindaba, lokho akubange kusenzeka njengoba evukwe kakhulu umunyu emuva kokushiywa wunina. Namanye amalungu omndeni kuphoqelekile ukuba aduduze uRethabile. Kwenzeka lokhu nje uRethabile usanda kubuya esibhedlela emuva kokudliswa ngothize.
UNtombeningi uthe uWinnie wodumo lwengoma ethi Live My Life nethi Hey Laitie, ubegcine ukukhuluma naye ngabo-7 ekuseni.
"Ubelokhu ethi akazizwa kahle. Ngithe uma ngithola isikhathi ngizoza ngizombheka, wathi angikhululeke. Ngishaqekile sengizwa isililo ngabo-2 ntambama."
Eqhuba uNtombeningi uthe uWinnie ubevele engaphathekile kahle kusukela ekuqaleni kukaNovemba nyakenye.
UWinnie owazalelwa eMofolo North, eSoweto, waqala ukwaziwa emculweni ngeminyaka yo-1980 eseneminyaka ewu-15. Waduma ngenoni elalithi Hey Laitie nelithi Tshina Tshina.
Wabuye wakhuza ibuya nge-albhamu yokholo eyayithi Izono Zami. Waphinda wanyamalala emculweni, wavumbuka ngeminyaka yo-2000 ngenoni elithi Live My Life futhi eselingisa nasemafilimini kaChicco Twala. Ngaphandle kokucula yedwa, ubuye waba yilungu leqembu lezintokazi iKalawa Chikita.
Ushiye emhlabeni indodana uThando noRethabile. Kuze kwayoshicilelwa kungakaqinisekiswa ngezinhlelo zomngcwabo.