SELUSUSE imvunge kumaNazaretha asohlangothini lwaseBuhleni usuku lomgcagco weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini esizogcagcelwa ekupheleni kwenyanga.
AmaNazaretha angenelisekile afuna ukwazi ukuthi umgcagco weSilo uqondaniselweni nenyanga lapho amaNazaretha eba nohambo olungcwele olubheke entabeni.
INdlulamithi yamakhosi iyiNazaretha, yabhabhadiswa ngumholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMduduzu “Nyazilwezulu“ Shembe, ngonyaka owedlule.
Uma kuwuJanuwari amaNazaretha awayenzi imicimbi ngoba asuke esentabeni.
ISilo sizogcagcelwa nguNdlunkulu uNomzamo Myeni, ngasekupheleni kwenyanga.
AbaseBuhleni bakhuphukele entabeni iKhenana, bayoze behle ngasekupheleni kwenyanga.
Umthombo oseduze noNyazi, uthe ukuvela kosuku lomgcagco sekuqubule ukukhuluma.
“Abantu bayabuza ukuthi umshado uzokuba kanjani ngesikhathi somhlangano ekubeni iSilo sabhabhadiswa uNyazi? Njengoba iSilo sabhabhadiswa nguNyazi, kufanele silandele yonke imithetho yamaNazaretha. Kuyaziwa ukuthi ngoJanuwari amaNazaretha awayenzi imicimbi, asihlabi ngisho ukuhlaba ngoba kusuke kuwumhlangano.”
Lo mthombo uqhuba uthe bebelindele ukuthi iSilo sibe yingxenye yomhlangano.
“Kodwa-ke mancane amathuba okuthi kwenzeke lokho njengoba kuhlelwa umshado.”
Okhulumela amaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe ayikho inkinga uma kuwukuthi iSilo silubikelile uNyazi ngosuku lomgcagco.
UMncwabe uthe uNyazi lulalelwa izwi elivela ezulwini.
“Uma iSilo sihambile sayobika udwendwe enkosini, yase inkosi ithola izwi elivela ezulwini elithi aluqhubeke udwendwe, ayikho inkinga. Uma inkosi itshelwa izwi eliqhamuka ezulwini, kusuke kunezizathu ezitshelwa abasezulwini. UNyazi liwumlomo ongathethi manga. Okushiwo uNyazi kusuke sekuphelele.
“UShembe uyindidane, udida ngisho wona amaNazaretha, ubona kude. Wabadida abaningi ngesikhathi kufanele kuyiwe entabeni iNhlangakazi, wasikhomba eKhenana.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, ayizange iphumelele ngoba zombili izingcingo zakhe bezingangeni kusukela ngoMgqibelo.
Umgcagco weSilo uzokuba ngoJanuwari 26, ngaphambi komgcagco kuzokuba nomkhehlo, ngoJanuwari 24.
Kuhlelwa umshado nje, iSilo sifake isicelo sokwehlukanisa nomunye wondlunkulu baso.
Isicelo sokwehlukanisa sifakwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.