OMUNYE wabaculi bamaskandi abahlonishwayo endimeni yomculo, Imfez’ Emnyama, usedalule ukuthi ukudicilelwa phansi kwegama lakhe, asola ukuthi kwenziwa ngabantu abathunywe ngabaculi abathile endimeni, sekwenze wanquma ukuthatha ikhefu emculweni ukuze alungise isimo abhekane naso.
Usho njalo engxoxweni ekhethekile neSolezwe, emva kokuthi ebhale ekhasini lakhe lika-Facebook ukuthi yena nabaphathi bakhe sebenqume ukuma ukukhipha umculo ngenxa yezizathu ezithile, okwenze abanye babalandeli bakhe basala bedidekile, futhi bephatheke kabi ngoba bezitshela ukuthi useyeke umculo.
“Ngihlale phansi nabaphathi bami savumelana ngokuthi sithi ukuma kancane emculweni, sidedele bonke laba bantu abahlale bedicilela igama lami phansi ukuthi kugqame bona baze badele, ngoba sesibonile ukuthi abangifiseli neze okuhle,” usho kanje.
Eqhuba, uthe sekuyisikhathi eside ethule, ebuka laba bantu akholwa wukuthi basetshenziswa ngabaculi abathile abangamfuni endimeni, ukuthi bamkhulume kabi ezinkundleni zokuxhumana, futhi bagxeke nomculo wakhe ukuze angalungelwa yilutho.
“Isenzo salaba bantu siwuphazamisa kakhulu umgqigqo womculo wami ngoba kuthi njalo uma sekumele ngikhiphe umculo omusha, bese beba nezinto ezingezinhle abazishoyo ngami nangokucula kwami okwenza kuphazamiseke indlela engisuke ngihlele ukwenza ngayo ngomculo wami,” kusho yena.
Uthe nakuba ekuqonda ukuthi lokho kuzobaphatha kabi abalandeli bomculo wakhe ikakhulu njengoba kufanele ngabe manje useqedela i-albhamu yakhe obekumele iphume ngePhasika, kodwa futhi ubona kungeke kusize ukudedela umculo omusha ebe esesimsweni esingesihle emoyeni wakhe.
“Nokho ngiyaqinisekisa ukuthi lokhu kuyisimo sesikhashana, esizolunga bese izinto zibuyela esimsweni esijwayelekile uma sekuqondile,” kusho Imfez’ Emnyama yetemu elithi Milikihli!
Imfez’ Emnyama igama layo lokuzalwa wuPhumlani Khumalo waseNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Lo maskanda unama-albhamu angaphezu kwa-25, kubalwa nethi Monalisa, agqama ngayo ngo-2010 ngengoma ekuyona ethi Obhuti Abahlala Ekhaya.