ONGOTI bezamasiko bathi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sivunwa yisikhathi esiphila kuso ukuba sicele isehlukanisa nomunye wondlunkulu baso.
Izazi zamasiko ezikhulume neSolezwe zithe nakuba kungokokuqala emlandweni kaZulu ukuba osesihlalweni acele isehlukaniso, indlela okuphilwa ngayo manje yehlukile kunaleyo okwakuphilwa ngayo emandulo.
IMbube isanda kucela ukwehlukanisa nomunye wondlunkulu bayo.
Isicelo sifakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Esicelweni sesehlukaniso iMbube ikhale ngokuthi umshado wayo ngeke usalungiseka, yaveza ukuthi sekuphele isikhathi esingaphezu konyaka behlala ngokwehlukana nondlunkulu.
ISilo sithe sizimisele ukukhipha isondlo sika-R20 000 ngenyanga.
Ongoti, oSolwazi Sihawu Ngubane noJabulani Maphalala, bathe ngokwesintu asikho isehlukaniso kodwa bathi isikhathi esiphila kuso siyayivumela iMbube ukuba icele ukudivosa.
UNgubane uthe kuqala unkosikazi wayengalahlwa ngisho noma ngabe kwakuthiwa ubanjwe esephutheni elingakanani.
“Wayakhelwa ngaphandle komuzi, aqhubeke nokukhulisa izingane ngoba le nto yokuganiselana ijulile. Uma owesifazane eyogana kukhona imikhuba eyenziwayo. Akugcini nje ngokuthi kuhlanganiswe abasuke beganana, kodwa kuyaye kuhlanganiswe nemindeni. Ukwenda kusuke kusho ukuthi owesifazane uyofela lapho egane khona.”
UNgubane uthe leso sikhathi sesadlula.
“Uyena ozwayo ukuthi imbiza imshisa kangakanani, kufanele sihloniphe isinqumo sakhe.”
UMaphalala uthe kuningi osekushintshile ezweni, wathi iSilo asikwazi ukuphambana nesikhathi esiphila kusona.
UMaphalala uthe izinto eziningi zaqala ukushintsha ngesikhathi uZulu unqontshwa amaNgisi, nokwalandelwa ukushintsha kwendlela okwakuphilwa ngayo.
“INgonyama ayikwazi ukusebenzisa imithetho eyayisebenza kudala. Umthetho ubopha thina sonke, nayo iNgonyama ayikwazi ukwehluka. Ngisho wona lo mshado okukhulunywa ngawo umshado wasimanje.
“Kwashadwa ngokwemithetho emisha, ngakho-ke kufanele iNgonyama ilandele yona imithetho uma ifuna isehlukaniso. Kulula ukuthi abantu bakhulume kodwa iqiniso ukuthi lesi isihluku esizithola sikusona njengoZulu ngenxa yamaNgisi afika ashaya imithetho yawo.”
ISilo sicela isehlukaniso nje kuvela ukuthi sizogcagcelwa undlunkulu omusha ekupheleni kwenyanga.
ISilo sizogcagcelwa uNdlunkulu uNomzamo Myeni.