AMAPHEPHA aqinisekisa ukuthi kukhona okufundele - wathatha isikhathi sakho wasebenzisa nemali - mahle kodwa...
Siphila ezweni elikhuthaza ukuba namaphepha kodwa ulwazi do kwesinye isikhathi. Bayazi abasemanyuvesi. Kuke kube nosolwazi ongaliboni elidlalayo, nisale senithula kube ukuthi uma siphasile kuyobe kuphelile. Uthole ukuthi kune-lecturer esencane uma kufundisa yona nizwa kangcono.
Kunesikole lapho othisha ababili babefundisa isiBhunu omunye eyikazela iziqu zaseNyuvesi, lona omunye ephuma ekolishi. Abafundi bagcina beyocela kuthishanhloko ukufundiswa yilona wasekolishi ababemuzwa kangcono. Wayedinwe egane unwabu lona onamajazi emfundo etshela nabafundi ukuthi ufunde kangakanani. Ngaze ngayongenelela kulabo thisha ngoba ngangibajwayele kakhulu.
Kusemqoka ukuthi wena nje uwedwa uzikhandle. Kumanje emhlabeni jikelele kufanele ube nelayisensi yokuqeqesha. Kwamanye amazwe awusondeli nokusondela ekuqeqesheni ngisho izingane imbala. Akuyona iSAFA kuphela edinga amalayisensi, nayo isuke isiphingwe enkulu. Ake ubheke nje i-Orlando Pirates, TS Galaxy, AmaZulu baqeqeshwa izinkunzi ezinamalayisensi aphesheya amakhulu, kodwa bakhishwe inkani abafana baseNingizimu Afrika abebeqeqesha iMamelodi Sundowns esiwine iligi kasikhombisa.
Amava siwabona ngokuwina iligi ngoba iwumjaho omude, hhayi oqhwasha bomkhumulajezi. Uma sisathi noma ungadlala kambi, kulungile uma nje uwinile kuphelile, lelo lukuluku livame ukuphelelwa umfutho. Lelo qembu aliyi ndawo, ngeke liwine lutho uma sekusongwa isizini.
Thina esibadala ayikho into esithusayo ngokudlala ingcwenga kwe-Spain ngoba yilona bhola esikhule silibuka bengakafiki abaqeqeshi baseNgilandi bazothi sidlala udoti, kodwa abasho ko-Lionel Messi noRonaldo.
Sasibuka o-Pimville United Brothers neMoroka Swallows Big XV, Kaizer Chiefs neBenoni United, Orlando Pirates nePretoria Bantu Callies ukukha nje phezulu. La maqembu ayengayidla ekuseni iReal Madrid, ntambama avale ngeManchester United. Sasidlala ibhola lethu lemvelo esikhule ngalo.
Kunohlelo lweMamelodi Sundowns olwalwenzelwe abadlali abano-17,18,19 asebephase u-matric ngabo-2009. Kwakuthathwe abadlali abangu-21 bafakwa kulolu hlelo. Abadlali abangu-17 kuleli qoqo bathola ithuba lokudlala ebholeni elikhokhelwayo kwi-PSL ,abanye baya phesheya kwezilwandle.
Abanye badlalile emaqenjini esizwe ahlukene. Abathathu abasakhumbuleka badlala nakwiBafana Bafana oSiyanda Xulu, Buhlebuyeza Mkhwanazi no-Keagan Dolly.
Ngisho emva kweminyaka engu-15 abanye balabo badlali basadlala kwelikhokhelwayo. Okubuhlungu ukuthi abantu abangumsinsi wokuzimilela kuleli ababekhande lolu hlelo, akwaziwa nokuthi bayisidikiselo saliphi ibhodwe. Ake ucabange uma lolu hlelo belungenziwa kulezi zifundazwe ezingu-9 esinazo. Zingakanani izinkunzi ebesizozithola ikakhulukazi emaqenjini esizwe ahlukene? Namaqembu e-PSL abezothola abadlali abanomsoco ngaphandle kokukhokha umkhono nesiphanga, wona-ke abese enza enhle imali sebehalelwa yilaba baphesheya abaphethe amadola. Nezindleko ezibatshazwayo zokuhlelela umdlalo wePSL zingaba umlando ngoba imali izobe ikhona iyizindodla, uyalazi-ke idola uma uliguqulela emarandini limane libe isilima lihulule intululwane.
Ipolitiki yebhola ngeke ilise ndawo ibhola lakuleli uma kuqashwa abantu nabo abazididekele. Nabanikazi bamaqembu badidekile ngoba angazi ukuthi umdlali oyinkomo ovela kwelinye izwe usayinwa kanjani? Nabaqeqeshi abamane bavumbuke siqale ukuzwa ngabo mhla baqashwa kuleli, abanawo nomlando wokuwola izicoco. Phika uma uthanda, sagcina ngo-Clive Barker ukunqoba i-AFCON engenayo ne-Pro Licence.
Ibhola lidinga ithalente bese-ke liyapholishwa abaqeqeshi, azingadidwa ngebhola laseNgilandi izingane, azikhuthazwe ngezilomo zakithi oMlungisi Ngubane, Shaka Ngcobo, Teenage Dladla, Masterpieces Moripe, Kaizer Motaung, Chippa Moloi, Bonginkosi Mnikathi, Popo Zungu ukukha nje phezulu.
Izwe iBrazil ubungamane ulibulale belidlala usiko lwakhona kusadlala oPele, Garincha, Socrates nabanye. Leli zwe ligcine lisatshwa emhlabeni lingahlangene nebhola lakwamanye amazwe. Abadlali bakhona bebeya kwamanye amazwe seluqinile ukhakhayi bafike nakhona bavelele. Uma sebephindela ekhaya idlala iBrazil bebefike bangene khaxa ngoba kunosiko. Asikho isizwe esiyophumelela uma silahla usiko lwaso. Yona -ke le Brazil ebengiyitusa uma uyibheka isilahlekelwe umlingo wayo isihlulwa nawukungena kowamanqamu weCopa America. Umhobholo wemali kuma-agent usuthuthela e-Europe abadlali baseBrazil besebancane, bafike laba baqeqeshi base-Europe babaxove. Namuhla uma ingashintshi ukwenza sizophela isithunzi sayo njengezingqwele emhlabeni jikelele.
Ungathanda ukulidlala ibhola kodwa kudingeka ukuthi wena uwedwa uzikhandle, kanjalo nabaqeqeshi abazihluphe badlule kwi-license.
Abadlali abadumile emhlabeni uthola ukuthi kunezinto abazifundisa zona eceleni, hhayi ukuthi yonke into uyoyizwa ngomqeqeshi.
Bakhona abaqeqeshi bakithi abanganakiwe kodwa abaphethe umsoco, inkinga abancethezi ngeke ubhibhidle ungumnikazi weqembu bathule nje, bayakutshela ukuthi sihlalo sengathi isingena emahlangeni ngeke ngiyilande. Manje le ndaba yokungasebenzi yenza abaqeqeshi abanohlonze bagcine sebeyizithunzela nje, ngoba bencenge iholo.
Siyizwe elikhulekayo, asikhuleke ngethemba lokuthi lo moya wasendulo uyobuya uzokhulula ibhola laseNingizimu Afrika. Alikho izwe elingasishaya kuleli zwekazi lase-Afrika ngokwethalente esinalo eligqitshwa abaqeqeshi baphesheya abangazi lutho, nokusayiniswa kwezinkomo zakwamanye amazwe bese kuvimbeka abadlali bakuleli.
Asihlalele ethembeni.