LUNGILE MAJOKA
UKUNQOBA umdlalo wakhe wamanqamu wesibili kuyohlale kusenhliziyweni yomqeqeshi weMagesi FC, uClinton Larsen, yena neqembu lakhe abazifake emabhukwini omlando beba yiqembu lesibili ukunqoba iCarling Knockout eqale ngesizini edlule ingenela iTelkom Knockout.
IStellenbosch FC iyona eyazibula ngale ndebe ehambisana nesheke lika-R6.6 million.
ULarsen nezakhe ezingomakoti esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL), baguqise iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowamanqamu obuseToyata Stadium eBloemfontein, ngoMgqibelo.
ISundowns esikhonye amasizini ayisikhombisa kulandelana kwiligi esigabeni esikhulu, iyona ebiphethe umdlalo futhi akuzange kumangaze ukuhamba kwayo phambili ngegoli lika-Iqraam Rayners esiwombeni sokuqala.
Nokho iMagesi ikhombise ukungatatazeli yabuya yalinganisa kwesesibili ngegoli likaTshepo Kakora, ngaphambi kokuthi uDelano Abrahams athole elokunqoba umdlalo usuya ngasekupheleni.
Lena yindebe yesibili kaLarsen esigabeni esikhulu. Eyokuqala wayinqoba ngo-2012 behlula yona iSundowns ngo 1-0 kowamanqamu eTelkom Knockout.
Lo mqeqeshi uyena okhuphule iDikwena tša Meetse kwiPremiership ngokunqoba iMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.
Ekhuluma nabezindaba, uthe okwenza ukunqoba isicoco seCarling kungafani nangesikhathi behlula iSundowns eminyakeni edlule, wukuthi amaBrazilians amanje abophele inqwaba yabadlali beqembu lesizwe iBafana Bafana.
“Kulokhu bekunzima kakhulu kunasekuqaleni yize leliya qembu (lango-2012) lalibophele abadlali abafana noHlompho Kekana no(Khama Billiat) futhi nganginabadlali abaningi abanesipiliyoni ngo-2012 (kwiCeltic). Bekungathi sidlala neBafana Bafana, abadlali babo abayisithupha baqale umdlalo (welesizwe) ezinsukwini ezedlule. Mina abami abayithuba basaqale imidlalo eyisithupha esigabeni esiphezulu. Ngicabanga ukuthi engikuzuzile lapha kungenye yezinto ezinhle ezihamba phambili esengike ngazizuza njengomqeqeshi.
“Lona wunyaka wesi-21 njengomqeqeshi. Ngaqala ngo-2003/04 kwiDurban Stars kwi-NFD. Sekunesikhathi ngingadlali kweyamanqamu, ngisadlale kwemibili. Lokhu kukutshela ukuthi kunzima kangakanani ukufinyelela kowamanqamu. Kodwa ngijabule ngokuthi sengidlale kabili, ngayinqoba yomibili. Ngijabule ngerekhodi lami eliwu-100%,” kusho uLarsen.
Ubonge abadlali bakhe ngokuzinikela kanjalo nokusebenzisana kahle nebhentshi lakhe.
Uthe osekumqoka manje wukuthi balwele ukugcina indawo yabo esigabeni esiphezulu.
“Umdlalo nomdlalo esiwunqobayo ukhulisa ukuzethemba. Ngithemba ukuthi lokhu kuzosenza siqhubeke nokulwa kwiligi ngoba yilapho isinkwa sethu esikhona. Yilapho esifuna ukuphumelela khona. Ngeke kube lula. Kungenzeka ukuthi sizobe sisalwela ukuvika izembe kodwa ngikholwa wukuthi uma silwa njengoba silwile namuhla singahlala phezulu simangaze iningi,” kusho uLarsen.