UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, usabona kuhamba kahle lokhu akuhlanganisa ebhentshini lalabo mpetha beBetway Premiership yize bephunyukwe esinye isicoco kule sizini.
Bakhale ngaphansi ngo 2-1 kwiMagesi FC kowamanqamu eCarling Knockout eToyota Stadium eBloemfontein, ngoMgqibelo, kwaphela kanjalo ngokuphakamisa indebe yokuqala kaMngqithi kusukela ethathe izintambo kuRhulani Mokwena ekuqaleni kwesizini.
AmaBrazilians abephuthwa isicoco sesibili kule sizini njengoba engazange alibone elidlalayo nakwiMTN8 lapho akhishwa khona yiStellenbosch kweyandulela owamanqamu.
Yiwoma agadle kuqala eBloemfontein, ngegoli lika-Iqraam Rayners esiwombeni sokuqala.
IMagesi ibuye ngegoli elingomfwe nguTshepo Kakora ngasekuqaleni kwesesibili, ngaphambi kokuthi uDelano Abrahams alibeke enethini ngebatha sekusele imizuzu embalwa ukuthi umdlalo uphele.
UMngqithi uthe nakuba lo mphumela uzophinde uvuse imibuzo ngobuholi bakhe kodwa ukholwa wukuthi iqembu lisaqhuba kahle. ISundowns ihleli endaweni yesibili kwi-log yeligi lapho kusaqhwakele khona i-Orlando Pirates.
“Ebholeni ungalindela noma yini. Uma ukhetha ukuba ngumqeqeshi kumele ulindele ukuthi amehlo athe njo kuwena masonto onke. Kufanele silethe imiphumela emihle njalo,” kusho uMngqithi.
“Kufana nesikhulu esiphezulu enkampanini uma sekuphele unyaka, nathi baqeqeshi siyohlale sibuzwa ukuthi siyaphi. Ngabe sisendleleni efanele noma cha? Ngisenethemba lokuthi sisahamba ngendlela efanele.
“Njengamanje izinto azisihambeli kahle emiqhudelwaneni yomkhumulajezi futhi kunzima ukusho ukuthi kungani. Ngeke ngibasole ngalutho abadlali kodwa ebholeni kumele wazi ukuthi kwesinye isikhathi uyawina, kwesinye isikhathi uyahlulwa.”
ISundowns isizobheka ukuqala kahle esigabeni samaqoqo kwiCaf champions League lapho izovula khona neManiema Union yaseDemocratic Republic of Congo eLoftus Versfeld kusasa ngo-6 ntambama.