KUBHUJIWE emigwaqweni yaKwaZulu-Natal ngempelasonto.
Izingozi zezimoto ezenzeke esifundazweni zidlule nemiphefumulo yabangu-21.
Ingozi edlule nemiphefumulo eminingi yenzeke emgwaqweni ohlanganisa iGreytown neMooi River, uR622.
Kule ngozi kushone abantu abangu-12. Kuyona kushayisane mahlanze imoto eyi-SUV neveni, abantu abangu-11 bashonele endaweni yesehlakalo.
Oyedwa osindile kule ngozi ushonele esibhedlela.
Kwabashonile kukhona nomfundi waseMichaelhouse, obebuya kodlala emncintiswaneni webhola lombhoxo.
Ushone kanye nabazali bakhe. IMichaelhouse idlulise amazwi enduduzo ekhasini layo leFacebook.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseGreytown aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
“Abantu abayisishiyagalolunye abashonile bebesevenini. Imbangela yengozi ibingakaziwa.”
Kwenye ingozi, kushone amalungu eMK ayisithupha engozini eyenzeke ngaseKranskop.
Amalungu eMK abeya eNkandla emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lwenkosikazi endala yomholi weMK, uJacob Zuma, uNkk Sizakele MaKhumalo Zuma, agingqike nemoto.
Kule ngozi kulimale abantu abangu-11 abebesuka eMtshezi. Imoto kuthiwa iphelelwe amabhuleki, yabe isigingqika, yasha.
UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uzohambela imindeni eshonelwe.
Umnyango uthe uzimisele ukwelekelela imindeni elahlekelwe.
Esitatimendeni, uDuma, uthe useyalele izikhulu zomnyango ukuba zixhumane nemindeni elahlekelwe.
Kepha iMK ithe ngeke ivume ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uphathe uhlelo lokungcwatshwa kwamalungu enhlangano.
Osebuholini obuphezulu beMK, uMnuz Floyd Shivambu, uthe bafuna ukuziphathela uhlelo lomngcwabo, wathi kodwa ngeke bawuvimbe uma ufuna ukuxhasa imindeni eshonelwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu eMK abehamba nawo ngesikhathi eyohlanganisa amehlo nemindeni eshonelwe.
UShivambu uthe uzwile ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uhlela ukungcwaba abashonile.
“Ithina esizosho ukuthi ubani okufanele akhulume ngasiphi isikhathi emgcwabeni. Bona uma befuna ukuxhasa imindeni eshonelwe, bangakwenza lokho. Iqiniso ukuthi ithina okufanele engabe siphethe lapha KwaZulu-Natal. Ingakho singeke sivume ukuzwa ngabo.”
Enye ingozi yemoto edlule nemiphefumulo yabathathu yenzeke KwaDukuza.