INKANTOLO izwe ubufakazi obuthi kwasetshenziswa igama likaMphathiswa uSiboniso Duma ngesikhathi isiboshwa uKhulani Cele seshela size siqonywa uNkk Faith Nongcebo Ntombela.
Lo wesifazane ubegonyuluka ngetulo alihlela nezinkabi lokusoconga umyeni wakhe owayeyiphoyisa loMkhandlu weTheku, uCaptain Zwelakhe Ntombela.
UNkk Ntombela uveze lokhu eNkantolo eNkulu yaseScottburgh ngesikhathi evuma icala lokusoconga umyeni wakhe. Uthe ekuqaleni wayecabanga ukuthi uDuma owayemeshela ku-Facebook, emthembisa ukumzama ngamathenda eMnyangweni wezeMfundo.
Umufi wahlaselwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza ngoMeyi 3, ngonyaka odlule, wadutshulwa wabulawa.
Wadutshulwa ngabantu abangaziwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
UNkk Ntombela uwavume wonke amacala abekwe wona mayelana nalesi sigameko. Uvume elokubulala, elokuhlela ukubulala, elokweba isibhamu sikamufi sohlobo lwe-CZ Model 70 semi-automatic Pistol, nelokunikizela ngolwazi olungamanga ephoyiseni elalithatha isitatimende.
Enkantolo, ubekade ekhininda amaqiniso ngomlomo wommeli wakhe, uMnuz Ashwin Rughbeer.
Uveze ukuthi konke kwaqala ngoMashi 22, 2023 ngesikhathi ekhasini lakhe lika-Facebook eyengwa uKhulani Cele owayeziveza ngokuthi unguMphathiswa uDuma. Uthe bagcina sebejola nalo wesilisa - khona kuFacebook.
Uveze ukuthi njengoba yena enenkampani yokudla, i-CNgwatwa (Pty) Ltd, lo wesilisa wamthembisa ukuthi uzomlekelela ekutheni inkampani yakhe yokudla ithole ithenda lokusabalalisa ukudla ezikoleni zabaphila nokukhubazeka.
Uthi base bekujwayele ukuxhumana nalo “mngani ku-Facebook” kwaze kwafika isikhathi lapho emcela khona ukuba amhambisele igilosa kubo KwaMaphumulo.
Uthi ulukhumbula kahle lolo suku lwangomhla ka-20 Ephreli 2023.
"Yilapho engafike ngathola khona ukuthi lo muntu (uKhulani Cele) engikhuluma naye uyinkabi ebhadle ejele akusiyena uDuma,'' usho kanje.
Uthi kodwa noma esezwile baqhubeka nokujola nale nkabi.
"Kwathi uma ngimtshela ukuthi ngingowesifazane oshadile, wangiphendula ngokuthi angikhululeke, lokho uzokulungisa. Ngaleso sikhathi ngangingaqondi ukuthi uhloseni,'' echaza esitatimendeni esihleliwe.
Udalule ukuthi inkabi yaqhamuka nombono wokuthi umyeni wakhe abulawe kusetshenziswe ushevu kodwa lelo qhinga lagcina lingaphumelelanga. Akazange aveze esitatimendeni ukuthi kanjani.
Ngemuva kwalokho uthe inkabi yamhlanganisa nowesilisa waKwaMaphumulo, uMnuz Sithembiso Khumalo, owathola ukuthi unguthishanhloko ngokomsebenzi.
"UKhumalo wafika kimina ehamba noMzo Ntombela okuyinkabi eyagcina idubule yabulala umyeni wami,'' echaza.
Uthi uthishanhloko kusukela lapho naye ubebakhona kukhona konke obekwenzeka obekumayelana netulo lokusocongwa kukamufi.
Uthi inkabi yaqhamuka isimazisa ukuthi sekuphothuliwe konke mayelana netulo lokusoconga umyeni wakhe.
"Yangitshela ukuthi mina ngizothatha isibhamu somyeni wami lapho esasihlala khona siyiswe kumuntu owayezodubula. Lokhu ngempela ngakwenza ngo-Ephreli 21, 2023,'' usho kanje.
Uthe inkabi yamnikeza nomyalelo wokuthi anikezele ngemoto okuyiyona ezosetshenziswa ngosuku lokubulawa kukaNtombela.
Uveze ukuthi nangempela lokho wakwenza. "Ngiyavuma ukuthi ngasithatha isibhamu somyeni wami futhi yisona esasetshenziswa ukumbulala,'' usho kanje.
Uvumile ukuthi uyena owathuma umufi ukuthi ayomthengela okuthile esitolo emyengela ophathe ukuze ezodutshulwa.
"Ingane yami yaze yafuna ukumphelezela ngayenqabela ngathi mayihlale phansi ingelule izinyawo,'' usho kanje.
Inkabi okuyiyona eyadubula, uMzo, seyagwetshwa ngaleli cala njengoba yagonyuluka ngakho konke yase inikwa iminyaka engu-20 ibhadla ejele.
IJaji uMahendra Chetty lithe icala lizobuyela enkantolo efanayo ngoSepthemba lapho okuzobe sekuzobhungwa ngesigwebo okufanele sitholwe ummangalelwa.
Kulokhu uNkk Ntombela ubebonakala ebhocobele, kungekho ukumamatheka abejwayele ukubonakala ngakho ngesikhathi icala liseseNkantolo yeMantshi eMlaza.
UMnuz Nkosinathi Ntombela, ongumfowabo kamufi, uthe bajabule ukuthi umakoti wabo eseze wathambisa inhliziyo walivuma icala.
"Yize phela engeke esabuya umfowethu ekufeni, kodwa kuhle ukuthi umenzi wokubi useze wavuma,'' usho kanje.