INKAKHA yekwaito engasekho, uVictor "Doc Shebeleza" Bogopane, ituswe ngokuba nenhliziyo emnene. UDoc Shebeleza (51) udlule emhlabeni izolo ngezithuba zabo-10.30 ekuseni, emuva kokudedelwa esibhedlela ngoMsombuluko. Lezi zindaba ziqinisekiswe ngobeyimenenja yakhe, uShakes Mavundla.
Lo mculi uqale ukungena ephuma ezibhedlela kusukela ngoJuni 2024. Ekuqaleni kukaDisemba, kumxine kakhulu ukugula kwaze kwadingeka ukuba ahlinzwe. Uhamba nje besekudingeka ahlinzwe okwesibili.
Ngenxa yokuthi bekumba eqolo njengoba bekudingeka lo mculi akhiphe enye imali ewu-R350 000, uDoc Shebeleza ube esenxenxa umphakathi wakuleli ukuba umnikelele ukuze akwazi ukuhlinzwa ngenyanga ezayo.
Nonina wakhe uze wanxusa uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Gayton McKenzie noMphathiswa walo mnyango eGauteng, uMnuz Matome Chiloane, ukuba basize indodana yakhe ukuqongelela lemali.
Omunye wosaziwayo abancome ubumnene bukaDoc Shebeleza wumrepha, uL-tido. Uthe wanikezwa igunya lokusebenzisa izinsimbi zengoma kaDoc Shebeleza ethi Ghetsa Ghetsa mahhala ngesikhathi eqopha eyakhe eyayithi Steve Kekana. Amagalelo kaDoc Shebeleza enza umrepha uCassper Nyovest waze wamhlonipha ngengoma ayiqamba ngaye.
UDoc Shebeleza ungomunye wamavulandlela omculo wekwaito futhi wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala eyayithi Shebeleza neyayinoni elithi Ghetsa Ghetsa. Wabe eselandelisa ngengoma eyamenza wavelela emculweni esihloko sithi Skumfete.
Kusukela lapho, uDoc Shebeleza ubesekhipha amanye amanoni okubalwa kuwo elithi Ebumnandini nelithi Jiva Yoyo. Ngenzuzo ayenze ngomculo, uDoc Shebeleza wakhele inqwaba yemindeni entulayo izindlu futhi wafundisa inqwaba yentsha ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Abaculi abezishaya isifuba ngokuthi waba nesandla empumelelweni yakhe, ngoHHP, Brown Dash, Prokid, Proverb, Zahara nabanye.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela eminye imininingwane ingakaqinisekiswa.