KUZOBA nokukhala nokugedla kwamazinyo kwabazokhala ngaphansi bangazitholi izikhala zokufunda kulo nyaka emanyuvesi aKwaZulu-Natal, njengoba zimbalwa izikhala.
Zibalelwa ku-20 000 izikhala ezikhona zabazokwenza unyaka wokuqala ekubeni zingu-500 000 izicelo ezitholwe amanyuvesi.
Kuyaziwa ukuthi abafuna izikhala zeziqu ezehlukene bafaka izicelo ezikhungweni ezehlukene.
ENyuvesi yaKwaZulu-Natal kunezikhala ezingu-8 600 kuphela zabazokwenza unyaka wokuqala.
Okhulumela inyuvesi uNksz Normah Zondo, uthe bathola izicelo ezingu-290 600, ekubeni benezikhala ezingu-8 600.
Uthe iziqu ezinezicelo eziningi i-Bachelor of Education, Bachelor of Nursing, ne-Bachelor of Social Science.
“Kubhaliswa online nakulo nyaka. Kanjalo nohlelo kulabo abashintsha umqondo ngeziqu asebezozenza, kuzokwenziwa ngohlelo lwe-online,” kusho uNksz Zondo.
Uveze ukuthi labo abazokwamukelwa ukufunda kule nyuvesi, bazobahlinzeka nge-data ukuze basizakale uma sebebhalisa.
“Nalabo ababuyayo bazonikezwa i-data. Akekho ozovunyelwa ukuthi aye enyuvesi engabhalisile futhi abamukelwa abazofika bezofuna izikhala.”
Unxuse abafuna izikhala ukuthi baqaphele amaqola abathembisa izikhala ukuze bawakhokhele.
“Izikhala azidayisi e-UKZN. Sinxusa umphakathi ukuthi uqaphele abazama ukubaqola, bababike emaphoyiseni. Inyuvesi izobathathela izinyathelo abazosebenzisa igama, i-logo yenyuvesi ukuqola abantu,” kusho uNksz Zondo.
Unxuse umphakathi ukuthi uthembe okufakwe yinyuvesi kwi-website yase-UKZN ethi:www.ukzn.ac.za, nasezinkundleni zokuxhumana.
Ukufunda kule nyuvesi kulindeleke ukuthi kuqale ngenyanga ezayo.
E-Durban University of Technology (DUT), zingu-211 087 izicelo ezafakwa ekubeni izikhala zabazokwamukelwa abazokwenza unyaka wokuqala zingu-9 454.
Iziqu ezithandwa kakhulu yi-Nursing, Bachelor of Education kwi-Senior Phase & Further Education and Training Teaching: Languages, i-Diploma in Hospitality Management, Bachelor of Journalism, Diploma in Tourism Management, Diploma Management Sciences: Business Law nezinye.
IMangosuthu University of Technology (MUT), ithole izicelo ezingu-103 483 zabazokwenza unyaka wokuqala ekubeni kunezikhala ezingu-3 223.
Sekusele izikhala ezingu-1 599 kuphela.
UNKk Zama Sishi, ibamba elibhekele ukuxhumana nezokumaketha e-MUT, uthe iziqu ezande kulabo abafake izicelo yi-Diploma in Information Technology (ECP).
Uthe ababamukeli abazozifikela mathupha bezofuna izikhala zokufunda.
Siye koshicilela iNyuvesi yaseZululand, ingaphendulanga.