INTO esolimini lwabathandi bezimoto wumbukiso wezimoto i-Festival of Motoring (FOM) eqhubeka eKyalami Grand Prix Circuit, eGoli.
Njengenjwayelo, abezindaba bathole ithuba lokupopola kuqala okwenzeka khona ngoLwesine, ngaphambi kokuthi kuvulelwe umphakathi.
Isikhulu senkampani ehlela lo mbukiso i-Messe Frankfurt South African, uMichael Dehn, sithe balindele izinkulungwane zabantu ezivela emazweni angu-12 ahlukene.
Izinkampani ezahlukene ezisembonini yezezimoto okubalwa ezidayisa izimoto uqobo, amathayi nezinye zisebenzisa umbukiso ukukhombisa imikhiqizo yazo.
IVolkswagen Group Afrika ibuye okokuqala ngemuva kweminyaka emihlanu.
Yethule iT-Cross ethuthukisiwe okulindeleke ukuthi iqale ukudayisa ngokuhamba kwenyanga.
I-T-Cross, okuyiyona SUV eyisingeniso kwa-VW, iqale ukudayisa kuleli kusuka ngo-2019 njengoba sekufika ethuthukisiwe nje.
Ifika ngezinhlobo ezahlukene okuyi-Life, Style neR Line.
ILife inama-LED hedlights nawangemuva, i-touchscreen infotainment system engu-8 inch, amarimu angu-16 inch, digital cockpit, ama-sensor ngaphambili nangemuva, cruise control nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo.
IStyle inama-IQ Matrix LED headlights, amarimu angu-17 inch, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, sports seats, digitall cockpit, ama-roof rails, 2-zone climate control nama-sensor.
I-R-Line ngakolunye uhlangothi inakho konke okukwi-Style kwase kwengezwa imihlobiso, amarimu ahlukile angu-17 inch, ama-drive modes nezihlao ezihlukile.
Kunenqwaba yobuchwepheshe obusiza umshayeli ongabufaka kwi-T-Cross okubalwa i-adaptive cruise control, lane assist, cornering assist, iyabhreka uma izoshayisa nokunye.
Izinjini zisafana njengasekuqaleni njengoba ingu-1 litre TSI namandla aphakathi kuka-70kW no-85kW.
Kwa-VW bathi okwamanje kusekhona i-Life enamandla angu-85kW kuya phezulu njengoba enamandla angu-70kW izolandela futhi intengo yayo ayikaqinisekiswa. Okuqaphelekile ukuthi intengo bayehlisile kunendala.
Intengo:
Life 1.0 TSI kW DSG – R462 200
Style 1.0 TSI 85kW DSG – R501 300
R-Line 1.0 TSI 85kW DSG – R533 100
Ezinye izimoto abebekhombisa ngazo yi-Tiguan entsha ezokwethulwa esontweni elizothwasa, Vivo esanda kwethulwa neTouarerg, ID.Buzz, Crafter eshintshiwe yenziwa eyokulala ezintaabeni i-Colorado, Amarok nezinye.
ISuzuki iletha ivulandlela i-Swift entsha
Ngemuva kokuvezelwa amehlo omhlaba ngoMashi, yase iqala ukudayisa kwamanye amazwe, iSuzuki Swift entsha ibonakale okokuqala kuleli kwi-FOM.
Yinhlobo yesine ye-Swift ukwethulwa futhi kulindeleke ukuthi iqale ukudayisa kusuka ngentwasahlobo.
Yiyona moto le nkampani ezethule ngayo ngo-2018 futhi sekudayiswe angaphezu kuka-85 000.
Ifika ngeGL, GL+ neGLX.
I-GL inamarimu amasha angu-14” anamakhava, amarimu angu-15” kwiGL+ bese kuba ngahlukile kwiGLX.
I-GLX iphinde yehluke ngamalambu angama-LED ngaphambili njengoba zonke zikhanyisa ngawo ngemuva.
ISwift entsha isinezibambo ezine zokuvula izicabha njengoba phambilini “bezicashile” phezulu kwiC-pillar.
Zonke zinamawindi kagesi, izibuko ezihlelwa ngogesi, ama-sensor asiza uma upaka ne-central locking. Ngaphakathi kune-touchscreen infotainment system ephakathi kuka-7 no-9 inch, kuya ngenhlobo yakho.
Ngaphansi kwebhonethu kunenjini entsha engu-1.2 litre three-cylinder. Inamandla angu-60kW ne-torque engu-112Nm. Abathengi bakhetha phakathi kuka-gearbox oyi-5 speed manual okanye ozishintshayo oyi-CVT.
Kwezokuphepha bafake ama-airbag ayisithupha, ABS with emergency brake support ne-electronic stability control.
Imininingwane ephelele ngayo bathembise ukuyikhipha uma isiyethulwa.
Ezinye izinkampani ezikhombisa ngezimoto zazo kubalwa i-Ford, Isuzu, GWM, Porsche, BMW, Volvo nezinye.