IMOTO: HYUNDAI i30 N
SIHLALE sibona izinkampani zenza izinto ezintsha ezingakaze zazenza phambili.
IHyundai yona izame ukungena ezimotweni zejubane ezibizwa ngeN. Eyokuqala yazo kube yi-i30 N. U-N lo, umele uNamyang, okuyindawo eseSouth Korea, ekomkhulu leHyundai. Umele neNürburgring, okuyinkundla eseGermany lapho ehlolwe futhi yathuthukiswa khona.
Ezinye izinkampani uma zizama izinto ziyabhacaza, zigxekwe kodwa iHyundai ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi yenze umsebenzi oncomekayo. Alikho kodwa isoka elingenasici.
I-i30 N ifike kuleli ngo-2020 ngaphambi kancane kokuthi kuqale umvalelandlini. Sekuyindaba endala ukuthi kukhona abathwala izandla ekhanda ngentengo.
Ngaleso sikhathi ibinamandla angu-202kW ne-torque engu-353Nm. Igearbox ibiyi-6 speed manual.
Konke lokho kushintshile. Injini isafana kuseyi-2.0 litre turbo kaphethroli kodwa umehluko wukuthi amandla asengu-206kW ne-torque engu-392Nm.
Igearbox isiyi-8 speed dual-clutch transmission.
Lokhu ungakubona ngathi kuncane kodwa ayisathathi imizuzwana engu-6.1 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h, sekungewu-5.4 kuphela. Ijubane elikhulu limiswe ku-250km/h.
Amandla lawa athunyelwa emasondweni angaphambili futhi uma uyisusa mawala, uyizwa inqanqazela.
Imnandi emakhoneni ngoba iyabambelela kwazise ineLimited Slip differential futhi isiteringi sinesisindo esimnandi.
Esiteringini kunebhathini ama-drive modes ahlukene nelinye leGrin Shift elenza ukuthi yehlise amagiya ngokushesha ukuze izonyusa isivinini ngamandla. Ngaleso sikhathi izinqawe zisuke ziduma kuzwakale.
Igearbox entsha yenza omkhulu umehluko ngoba izandla azisuki esiteringini kwazise noma ufuna ukuzishintshela uyakwazi ngama-pedal shifters.
Ukuthanda ukuduma kwayo kwenza nendlela edla ngayo uphethroli inyuke. Ibidla u-10.6l/100km yize isikhathi esiningi bengizama ukonga ngihamba ngo-Eco.
Ngaphandle kokoma, enye inkinga yayo wukuthi iyazwela emabhampini ngisho ngabe mancane kanjani. Ngaphandle kokuqina kwe-suspension, iphinde ibe namarimu angu-19 inch nawo azwelayo.
Kuyafana neyasekuqaleni kodwa kulawa bathi behlise isisindo okwenza imoto ibe namandla.
Amarimu angenye yezinto eziyenza ibukeke. Ishintshile ubhampa ngaphambili, inamalambu angamaLED, ngemuva ishintshile ubhampa nezinqawe ezinkulu ezimbili.
Okhakhayini ine-panoramic sunroof.
Umbala oPerformance Blue okwentsha uyenza iwadonse amehlo.
Ngaphakathi inezihlalo ezikubamba kahle, ine-touchscreen infotainment system, okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, ama-airbag, iyasho uma izoshayisa, iyabhreka ukugwema ingozi uma ushintsha umzila, iyasho uma umshayeli esekhathele, nokunye.
Intengo:
Hyundai i30 N DCT - R749 900
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.