IMITSUBISHI Motors South Africa ifuna ukundlondlobala kulo nyaka yandise nesibalo sezimoto ezidayise ngonyaka odlule.
Le nkampani idayise izimoto ezintsha ezingu-4 315 futhi ezidayise kakhulu kuzo yiPajero Sport, Triton neXpander.
Ithe lokhu kusizwe wukuthi bathuthukise ezinye zezimoto, bethula nezintsha okubalwa i-ASX, Pejero Sport Aspire, Xpander Triton Heritage Edition neTriton single cab.
Ithe lokhu kuzoqhubeka nakulo nyaka. Kulindeleke ukuthi kwethulwe iTriton yekhethelo eshintshiwe indlela ebukeka ngayo. Entsha sha iza ngonyaka ozayo.
Enye imoto ebhekiwe kule nkampani yi-Outlander SUV ezokwethulwa ngokuqhubeka konyaka neXpander Cross. Ithe yenza ucwaningo ngokwethula iDelica.
“IMitsubishi iyazi ukuthi amagaraji awumgogodla webhizinisi futhi izokwandisa isibalo samagaraji,” kusho isikhulu sezokuMaketha eMitsubishi Motors South Africa, uJeffery Allison.
Isikhulu esiphezulu sale nkampani, uThato Magasa, sithe bakholwa wukuthi kulo nyaka sizokwanda isibalo sezimoto ezikhiqizwayo nokwehla kwezindleko zokuthutha kuzokwenza ukuthi zibe ziningi izimoto ezintsha kuleli.
UMagasa uthe ukunyuka kwentengo kaphethroli, intengo yezinto zokukhiqiza namandla e-dollar kuzokwenza ukuthi intengo yezimoto ikhuphuke.