IMAHINDRA yandise amaveni ayo ngokwengeza izinhlobo ezintathu zekhethelo zamaPik Up.
Kulezi zinhlobo ezintathu kukhona, iPik Up Karoo Dusk, iKaroo Dawn neKaroo Storm, zonke ezakhelwe phezu kwesisekelo sePik Up Karoo, esanda kuthuthukiswa.
Isikhulu esiphezulu sakwaMahindra South Africa, uRajesh Gupta, sithe iKaroo ikhombisa ukuzinikela kwabo eNingizimu Afrika.
Kwenzeka lokhu nje, le nkampani isanda kujabulela ukukhiqiza iPik Up ka-10 000 efemini yayo eseThekwini.
Sezinezimihlobiso emisha, okhaphethi abaqoshwe igama ngaphakathi, inudge bar nesports bar.
Izihlalo zishintshiwe zaba yisikhumba ne-infotainment system yaba nescreen esingu-9 inch njengoba ekuqaleni besingu-7 inch. Siveza iselula nge-Apple CarPlay noma-Android Auto futhi kunenkombandlela,
Zonke zinesuspension yeheavy-duty off-road, amasondo okuhamba obhuqwini namarimu.
Kufakwe nobhampa oqinile nangemuva oyinsimbi, isikhenke esinerabha namalambu eLED.
IKaroo Dusk eke yadayiswa ngesibalo esikaliwe ngonyaka odlule inombala omnyama, iroller shutter nerabha esikhenkeni konke okumnyama.
IKaroo Dawn, okungentsha, yona inombala o-beige, abathi umbala othandwa ngabalimi kakhulu.
Ezinye izinto enazo zifana nezeKaroo Dawn ngaphandle kweroller shutter nesports bar eside. Yona yengezwe iroof rack nekhava esikhenkeni.
Eyokugcina iKaroo Storm ishaya ngombala ohlukile ongathi uluhlaza okwesibhakabhaka. Inesikhenke esinerabha, ikhava namasondo namarimu ekhethelo okuhamba obhuqwini. Ngaphakathi inesikhumba.
Zonke zinenjini engu-2.2 litre turbodiesel. Inamandla angu-103kW netorque engu-320Nm. Zinogearbox omusha oyi-six speed ozishintshayo. Bathi bawuhlola kakhulu lo gearbox eNingizimu Afrika, kwiPik Up Karoo S11 ngo-2020
Intengo:
Zonke izibiza uR614 999
Zonke ziifika newarranye yeminyaka emine noma u-120 000km neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.